Izindaba
Njengoba iTheku lilungiselela amaholidi kaKhisimusi, uMasipala weTheku uzoqinisa isandla ekuqinisekiseni ukuphepha kwezakhamuzi nezivakashi ngokulandela amasu okungenelela.
Kulindeleke ukuthi kubanjwe umhlangano ophuthumayo phakathi kweCrime Prevention and Security Cluster kanye noMnyango Wezezimbiwa.
Ezinye izingqapheli zithi ukuqhubeka kwengxabano emphakathini phakathi kwe-EFF kanye noMkhonto weSizwe kungase kuthene amandla i-Progressive Caucus ePhalamende.
I-ANC Women’s League ibe nesithangami nabezindaba izolo ngaphambi kwemashi yayo emayelana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ngoLwesihlanu ePitoli.
Ilungu elisha loMkhonto weSizwe Party (MK) uDali Mpofu uthi iqembu ngeke lingene ezingxabanweni esidlangalaleni namanye amaqembu ezepolitiki.
Sebeyizigidi ezili-11 abantu abangasebenzi njengamanje ezweni.
Abameli abamele i-Society for the Protection of our Constitution bathi bathole imiyalelo yokuthi baye eNkantolo Yamazwe Ngamazwe.
URamokgopa uthi u-Eskom ulahlekelwa izigidigidi ezi-2.5 zamarandi ngenyanga.
Kusukela ngoNcwaba bangaphezu kwezi-42 000 abasolwa asebeboshwe ngamaphoyisa esifundazwe.
UMengameli we-ATM, uVuyo Zungula, uthi isinqumo samalungu ePhalamende sokubeka eceleni umbiko wepulazi likaMengameli uCyril Ramaphosa iPhala Phala besingekho emthethweni.
Kutholwe ukudla okuphelelwa yisikhathi okuthengwa kwamanye amazwe endaweni yokugcina impahla eThekwini.
IMeya yakuMasipala waseNkandla uMnu uMbhekiseni Biyela isola amadoda adla “isiqatha” ngokusushisa umlilo ogcina ungasalawuleki ugcina ulimaza imfuyo yamadoda endaweni.
Ukushuba kwesimo eMiddle East kubukeka kuzoqhubeka nokukhula ngemuva kokuthi u-Israeli efunge wagomela ukuthi uzoziphindiselela kuHezbollah.
Inxusa leChina eNingizimu Afrika, uWu Peng, ukuchithile ukugxekwa ngokuthi ukuzibandakanya kwezwe lakhe ekwakhiweni kwengqalasizinda kuholela ogibeni lwezikweletu emazweni ase-Afrika.
Kushone abantu abali-19 ngesikhathi indiza encane iphahlazeka isha isuka enhlokodolobha yaseNepal iKathmandu izolo, ngokusho kwezikhulu.
INkantolo eNkulu yasePitoli inqume ukuthi izingxenye zoMthetho Wezempilo azihambisani noMthethosisekelo.
UHulumumeni wesifundazwe iKwaZulu-Natal uholwa uNdunankulu uMnu uThami Ntuli bahambele eKenville, eThekwini lapho kade beyobheka ukuthi amalunga akule ndawo ahlezi kanjani njengoba emuveni kokuhlaselwa umlilo.
Izigebengu ziyaqhubeka nokuntshontsha ingqalasizinda yakwa-Eskom, zisongela imizamo yenkampani ephehla ugesi yokugcina ugesi ukhanya ezweni.
UNgqongqoshe Wezolimo uJohn Steenhuisen uthe umkhakha wezolimo njengamanje ubhekene nezinselelo ezihlanganisa ukuqubuka kwamatele e-Eastern Cape, imililo yequbula ezingxenyeni ezithile zezwe, kanye nokulahlekelwa okudalwe isithwathwa esimnyama eLimpopo.
Izishoshovu ezigqugquzela imibhikisho emelene noHulumeni waseKenya zicubungula kabusha iqhinga lazo.
Inhlangano elwela amalungelo abantu, iBlack Sash, inxuse uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uSisisi Tolashe, ukuthi abeke eqhulwini abhekane nezinselelo eziqhubekayo ezibhekene nabampofu eNingizimu Afrika.
Ubengakaze acabange nangelilodwa ilanga ukuthi ukusebenza enkampanini yezokwakha kungatshala uthando lezolimo kuyena uNks u-Aphiwe Mtshali osengusomabhizini ovelele kwezolimo.
Imizamo yokuketula umbuso eBolivia ibhuntshile ngemuva kokuthi umholi weqembu eliphikisayo uJenene uJuan Jose Zuniga eboshiwe ngemuva kokuthi amasosha agasele endaweni kaMengameli kanye neyeCongress enhlokodolobha yaseLa Paz.
UMkhandlu WaseNyuvesi YaseKapa (i-UCT) wamukele isinqumo esiphakamisa ukuthi le nyuvesi iziqhelelanise zonke izikhungo zezemfundo zakwa-Israel kanye nabacwaningi abangaphansi koMbutho Wezokuvikela wakwa-Israel.