KUMNYAMA: Nakulokhu akucaci ngokuqala komthetho wamaphoyinti kubashayeli
Izinhlangano zomphakathi zithi kusekuningi okusilele emuva ngaphambi kokubonakala kwalo mthetho usebenza ezweni
Emuva kweminyaka eyevile kweli-15 kukhulunywa ngomthetho wezokuthutha kahulumeni ngaphansi koMnyango Wezokuthutha i-Administration Adjudication of Road Traffic Offences Act (AARTO) namanje kusabanjwa kuyayekwa. Lo mthetho unikeza amandla uhulumeni ngokusebenzisa amaphoyisa omgwaqo ukunconzula amaphoyinti kubashayeli abaphula imithetho yomgwaqo.
Ngokwalo mthetho lapho umshayeli esemukwe amaphoyinti afinyelela kwali-15 umuntu anikwe wona. Uma umshayeli esefinyelele kulamaphoyinti ilayisensi yakhe yokushayela iyamiswa, kuthi uma isimiswe kathathu kube ukuthi uyaphucwa yona unomphela kudingeke aqale phansi ahlolelwe ilayisensi yokushayela.
NgokukaNgqongqoshe Wezokuthutha uNkk uBarbara Creecy lo mthetho bekuhlelwe ukuthi uqale ukusebenza lu-1 kuZibandlela. Okhulumela uMnyango Wezokuthutha kuzwelonke uCollen Msibi uthe ezinye izinto ezenze kwamiswa ukuqala kokusebenza kwalo mthetho ngukuthi basasilele emuva ngokuqeqeshwa kwamaphoyisa omgwaqo, basafuna nokulungisa uhlelo lokukhishwa kwamathikithi ukuze lufane komasipala bonke, uhlelo lokwesekwa ngemali kwalolu hlelo nalo alukaqedwa nabasebenzi basemahhovisi abakaqeqeshwa.
Ukusebenza kwalo mthetho sekulindeleke ukuthi kuqale ukusebenza ngasekuqaleni kukaNtulikazi wezi-2026. UMsibi uthe abaphelile amandla ngoba bakholelwa ukuthi lo mthetho uzobalekelela kakhulu ekulweni nokuphulwa komthetho nokukhipha emgwaqeni abashayeli abaphula imithetho yomgwaqo zinsuku zaphuma. Inhlangano emele amalungelo abantu i-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA) esitatimendeni sayo ithe kusekude phambili ngokuqala kokusebenza kwalo mthetho.
“Asikholwa nokuthi bazokwazi ukumelana nesikhathi sokuqala kokusebenza kwawo okunguNtulikazi wangonyaka ozayo ngoba nakomasipala kuxabene ubendle,” kucacisa isitatimende se-OUTA.

