Ukuzitapela nodlame kumabhizinisi – Umonakalo Mukhulu!


Udlambedlu nokuzitapela kumabhizinisi okusanda kwenzeka esifundazweni sakwaZulu-Natal kube nomthelela omubi kakhulu kumabhizinisi kanye nezakhiwo ezixhaswe Ithala.
Ukuhlangabezana nalesisimo, lowo onguNgqongqoshe wezeziMali, uMnu uTito Mboweni uma ethula isabelo-mali sikazwelonke ngoLwesithathu uthe kuzoba khona imali ezosiza ukufukula osomabhizinisi abancane abakhahlanyezwe yilesisimo okuzokwenzeka ngaphansi koMnyango weZokuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane.

Yize noma oyisikhulu seThala uNkk uPearl Bhengu ethi bekungakahlonzwa kahle ukuthi umonakalo odalwe iloludlambedlu ungakanani esifundazweni, uNgqongqoshe uMboweni uthe uma ethula isabelomali, kubonakala kuzodingeka inkampani ebizwa nge- SASRIA ikhokhe imali elinganiselwa phakathi kwezigidigidi ezili 15 nama-20 zamarandi ukuhlangabezana nomonakalo.

I-SASRIA inkampani yomshwalense kahulumeni ebhekelele ukuhlangabezana nezimo ezivelayo kubantu nakumabhizinisi uma kulimale impahla kade kube khona izidubedube zomphakathi.
UMboweni uthe uMnyango weZamabhizinisi Amancane (Department of Small Business Development) wabelwe izigidigidi ezi-4 esikhathini seminyaka emithathu ukuze kuhlomule amabhizinisi asemalokishini nasemakhaya. Lesisabelo sihambisana nesinye esezigidigidi ezi-2.3 ukuhlangabezana nezidingo zosomabhizinisi abancane ezidalwe izethiyo ezimayelana nokhuvethe.
UNkk uBhengu uthi yena isibalo sokukhahlamezeka kwamabhizinisi amancane esifundazweni yiloludlame lwakamuva, belungakaziwa kahle. Kodwa kuyaziwa ukuthi amanye amabhizinisi amancane aphoqelekile ukuba aguqe avale nje kanti amanye, yize esekhona, kawasebenzi. Amaningi awo alahlekelwe izimpahla ebezikhona ngaphakathi noma ezinye zazo zamoshakala kakhulu.
“Amabhizinisi amaningi impela kazukwazi ukuphinde asebenze emuva kwalezibhelu ngoba phela azodinga imali ukuze aqale kabusha. Ezinye zezinkampani ezisekwe Ithala kuzomele zilungise noma zithenge izinto zokusebenza, zilungise indawo yokusebenzela, zibuye zithenge ezikudayisayo”, kusho uBhengu.
Uthe abanikazi bamanye amabhizinisi abazukwazi ukukhokhela izinto ezifana noshwalense, imali-mboleko yanyanga zonke, I renti kanye nezinye izidingo ezihambisana nebhizinisi. UNkk uBhengu uthe yena nezikhulu eziphezulu zeThala basebenza ngokuzikhandla nabo bonke abasebenzisana nabo emuva kwaloludlame ebelibhekiswe kumabhizinisi ukuba umnotho uphinde udlondlobaliswe esifundazweni.

“Siyazwelana kakhulu nosomabhizinisi esibaxhasile kulensindabadala esibhekene nayo kanti futhi sizimisele ukwenza konke okusemandleni ethu ukufaka igxalaba lapho esingakwazi khona,” uphethe kanje uNkk uBhengu.