Now Reading
Ngabe uTyla ubethumela umyalezo kuHulumeni
Dark Light

Ngabe uTyla ubethumela umyalezo kuHulumeni

UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko ungomqoka ekufukuleni amaciko nokulekelela ekuvundululeni amakhono entsheni ikakhulukazi ezindaweni ezabe zinganakiwe phambilini njengezasemakhaya nasemalokishini. Yize kuwuMnyango ongagqamile uma uqhathaniswa neminye kuHulumeni, injolozela isuke ikulowo ophathiswe wona ukuthi awenze usebenze. 

Lo myango waba nedumela ngesikhathi sikaNgqongqoshe uSteve Tshwethe ongasekho owayeqinisekisa ukuthi awubonakali kuphela ezingeni eliphezulu kwezemidlalo, kepha nasemazingeni aphansi nezinkulisa wayewufaka. UTshwete wakwazi ukusebenzisana nezinhlaka zezemidlalo kuzona zonke izigaba. Ngokushintsha koMengameli lo Mnyango ugcine usufaka phakathi amaciko namasiko. ObenguNgqongqoshe phambilini uMnu uNathi Mthethwa waze wabizwa ngoNgqongqoshe wamazwi enduduzo ngoba kukhalwa ngokuthi ugqama lapho kudlule emhlabeni amaciko. Ohlangothini lwezemidlalo kwakunesikhalo ngokuthi akazwakali ephawula okanye enze izinguquko lapho kusolwa khona izenzo zokucwasa. 

Ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa enza izinguquko kuKhabhinethi uMnyango uwuphathise uMnu uZizi Kodwa. Kuze kube yimanje akukho okutheni okusabonakele kuKodwa ngaphandle kokuzimazisa amaqembu esizwe lapho edlala imidlalo emikhulu. Ohlangothini lwamaciko izikhalo ziseningi ngokuthi awabhekelelwa. Ngabe isenzo somculi uTyla ongene emlandweni muva nje ekhala emuka nendondo yeBest African Music Perfomance ngengoma yakhe ethi, Water kumaGrammy Awards siwukukhombisa ukungeneliseki kwamaciko akuleli ngeqhaza likaHulumeni ekuwasizeni.

Sisengundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana isenzo saleli ciko esibonakale sinkonkoshela indondo yaso yeGrammy singafuni nokuthi uNgqongqoshe uKodwa aze ayithinte emcimbini wokusamukela esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo eGoli. Ezithombeni ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana uTyla ubonakala emi noNgqongqoshe esikaza ukumnika indondo ukuba bathathe isithombe, khona lapho ashintshe umqondo azibambele indondo yakhe maqede amfulathele uKodwa. Ngemuva kuzwakala labo okungathi basebenzisana noNgqongqoshe bememeza sakumtshela ukuthi akanike uNgqongqoshe ithuba. Akubanga isikhathi eside kwabonakala uKodwa ethi lacu esuka esiteji ngenxa yokuphoxeka.

Namanje izinkundla zokuxhumana zisagcwele ukuphawula kwabantu ngalesi senzo. Iningi likhala ngokuthi uHulumeni uwenzelani amaciko ngoba awa evuka kodwa uma umuntu esephumelele bese ehlangabezwa esikhumulweni sezindiza kube sengathi kukhona lapho bemlekelele khona. Edilini likaHulumeni lokumbongela kusihlwa ngoMgqibelo uTyla oneminyaka engama-22 kubonakale engathi usewehlisile umoya ngoba ubonge uHulumeni noNgqongqoshe uKodwa ngothando abakhombise lona.

Ukunqoba kwakhe iGrammy kwenze  waba ngowokuqala ukuzibula ngale ndondo kulo mkhakha. Lona ngumklomelo osezingeni eliphezulu yingakho kungathusanga nokuthi uMengameli uRamaphosa waba ngowokuqala ukumshayela ucingo embongela  ngokubeka iNingizimu Afrika ebalazweni.

See Also

Kungokokuqala eminyakeni engama-65 yeGrammy Awards ukuqhakambisa abase-Afrika ngendlela esezingeni uma kungebalwe ukunyanyalata okwakwenziwa ngabagqugquzeli kuqala okwakubonakala njengokugcina icala ekuhlonipheni i-Afrika.

Ekusungulweni kweGrammy, inhloso kwabe kuwukugxila emculweni wase-USA kusuka ku-pop, iR&B, i-rap, i-country, i-jazz kuya ku-classical. Ukudla umhlanganiso kukaTyla odabuka eGoli kuthakaselwe yizwekazi lonke, futhi kuzoqinisa kakhulu umncintiswano kumaciko e-Afrika. Ukunqoba kukaTyla nokwethulwa kwalo munxa kuwubufakazi bokuthi uyadlondlobala umculo wasezwenikazi.

Scroll To Top