Now Reading
UNgqongqoshe ukhathazekile ngenkohlakalo ethunaza ezokuphepha ezweni
Dark Light

UNgqongqoshe ukhathazekile ngenkohlakalo ethunaza ezokuphepha ezweni

UNgqongqoshe wamaphoyisa useveze ukukhathazeka ngenkohlakala ebeka engcupheni ukuphepha kwezwe.

Ibamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uFiroz Cachalia lithi inkohlakalo iyingozi enkulu kwezokuphepha kwezwe. UNgaongqoshe uthe inkohlakalo ezweni igxile kakhulu ezikhungweni nasezinhlakeni zepolitiki.

Isitatimende sikaCachalia siza njengoba iKhomishana eholwa nguMahluleli uMadlanga kanye nekomidi lePhalamende le-Ad Hoc liphenya ngezinsolo zenkohlakalo phakathi kwezikhulu eziphezulu zamaphoyisa kanye nokungena kwesandla sezinswelaboya kwizinhlelo zezobulungiswa.

See Also

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni iKgalema Motlanthe Foundation’s Annual Inclusive Growth Forum eDrakensberg KwaZulu-Natal.

Scroll To Top