Isahlukene imizwa kwaboHlanga ngeDA


Bancoma isibindi sabesifazane boHlanga kuDA
Ngiyabavuma bakhona phela laba abaphathisi bayaziyela angikhathali ungazama kangakanani ukubavimbela, onkunzi kayihlehli badela ngokubona. – nguChris Shabangu
Akubona ubumbuka ukungena kwaboHlanga emaqenjini abamhlophe, empeleni iyona-ke idemokhrasi leyo enikeza ilungelo lokuzikhethela yikhona okwakulwelwa lapha eNingizimu Afrika. Okushiwo lapha ngikuqaphele kakhulu ukuthi isibindi sembokodo yakithi ezimisele ukuhlakaza iqeqebana labelungu abasadla ngoludala. Lezi zintokazi zakithi azihlehli zisikhumbuza amaqhawekazi omzabalazo, umehluko zona ziwulwa ekhaleni lawo zibambe umkhonto ngokudla kwawo, abesilisa baqoka ukufulathela kodwa bona abagudluki kwabakholelwa kukho. – nguMaqhawe Ngcobo Bonginkosi
Kuyiqiniso ukuthi banesibindi sengwenya labo mama kodwa ukuphuma kukaMaimane kubenze bahlala ngesinqe esisodwa abamyama. Kanti nokwanda kwezihlalo zeFreedom Front Plus kucace bha okwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi abamhlophe abebe kuDA babuyele kuFFPlus yingakho sibona umholi omhlophe kuDA manje. – nguMjeyi Dlamini
Banesibindi impela futhi bayakwazi ukuzikhulumela. Ngingasho ukuthi bakuncela nakuHelen Zille. Umama womlungu owakwazi ukubhekana ngqo ne-ANC, wakwazi ukuguqula iqembu labamhlophe walenza elabo bonke abantu. – nguThami Duma
Iyona mbokodo yoqobo-ke laphaya kuDemocratic Alliance. – nguSfiso Mshengu
Abasiboni isibindi kwabesifazane boHlanga kuDA
Akukho sibindi kulaba bantu. Bayihlazo esizweni saboHlanga ngoba bakhetha ukuthi bafulathele umzabalazo waboHlanga. Bamdibi munye nabelungu laba. Kungalokhu kunconywana nabantu abamdibi munye nabamhlophe futhi ababhebhethekisi, abamele futhi abavikela inqubo yongxiwankulu. Akukwazi ukuthi kunganconywa abantu abamdibi munye nezitha zethu zokuqala. Kuthiwa abasiwo amagwala. Ayikho into esile noma okuhle okwenziwa oMbali noMazibuko. Bayizicashalala zabamhlophe. Anoke nifunde uMalcom lapho ekhuluma ngamaHouse Negro namaField Negro. AmaHouse Negro yilaba abahlala nabacindezeli ematafuleni benze konke okwenziwa abacindezeli futhi nabo baphathiswe okwabo abacindezeli kodwa bayazi ukuthi bayizicashalala zabo. – nguNka Mabaso
Inkinga yethu thina aboHlanga silambile, lapho kuhlatshwe khona sihamba ngokusa silinde amanqina. Mina noma kungathiwa ngikhethe ukufa neDA ngingamane ngiye kwagoqanyawo. OwoHlanga omdibi munye nabacindezeli angimhloniphi. – nguMakgetha Ph
AboHlanga abakhohlwe ukuthi kuyoke kuphathe bona kule nhlangano. Sekufike kunhlosongqangi yabamhlophe ukwandisa amandla ngokusebenzisa aboHlanga ekukhuphuleni iqembu labamhlophe. Lona ongenile ngeke esaphuma nongibuza ningiphale ulimu. – nguNhlanhla Shoba
IDA iyinhlangano yabamhlophe, saqina isibindi sowesifazane ungafunga uthi bayabuzana ngalowo oziqinisa isibindi ukuthi kanakhaya yini. ULindiwe Mazibuko waphelelaphi nokuqina kwesibindi sakhe? Uzokhumbula mhla kungena aboHlanga kuDA babhaca abamhlophe kuthe kunjalo abelungu bakhumbuzana bathi ngathi senikhohliwe ukuthi le nhlangano ngeyabamhlophe banyamalala oMazibuko kanye nabanye. Naye uMaNtuli usazonyamalala nesibindi sakhe. – nguZonwabele Ndlelani
Yebo isibindi banaso kepha nemali nodumo abakuzingelayo nakho kuklama eyakho indima. – nguSibusiso Mfekazi
Banesibindi sokuba ngabadayisi bomzabalazo waboHlanga kondlebezikhanya ilanga. – nguBhekani Gumbi
Senincoma ubumbuka. Hheyi konakele emiqondweni yama-Afrika. – nguNhlanhla Ngidi