UMtolo uvuma eyokuthi bamuthatha kancane uZuma
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Lowo owayenguNobhala we-African National Congress (ANC) esiFundazweni iKwaZulu-Natal uMnu uBheki Mtolo uphumela obala ukuthi wathuka woma ngesikhathi ethola umbiko wokuthi lowo owayenguMengameli wezwe uMnu uJacob Zuma usesungula iqembu lakhe.
Uthi okwenza athuke ingoba uMnu uZuma osenguMengameli woMkhonto Wesizwe Party (MKP), wayehlezi ephimisa amagama okuthi yena uyoba ilungu le-ANC impilo yakhe yonke.
UMnu uMtolo usho lokhu ngesikhathi enengxoxo neKZN Tonight Podcast ngeledlule.
“Kunamazwi akhulunywa uMnu uZuma ngowezi-2019 lapho ethi uma uyi-ANC ungalinge uyishiye. Uma i-ANC iqoka isilima sakwaZuma, siyekela isilima wena kodwa uqhubeke uvotele i-ANC ngoba ngelinye ilanga sophuma njengomholi. Amanye amazwi lawo angenza ngathuka ngoma uma ngizwa kuthiwa usesungule iqembu lakhe” kusho uMtolo.
Uvumile ukuthi babukela phansi amandla kaMnu uZuma esifundazweni iKwaZulu-Natal.
“Sazama ukuba sixhumane naye ukubs kukhulunywe kodwa sabe singamtholi. Sathumela elinye lamaqabane uMnu uMusa Cebekhulu waseMusa Dladla Region ukuba amthole kodwa kwanhlanga zimuka nomoya”.
Ukufika kwe-MKP kwaguqula izinto esifundazweni njengoba i-ANC yalahlekelwa amandla okuphatha uHulumeni wakulesi sifundazwe okhethweni lwangonyaka owedlule.
IKwaZulu-Natal yagcina isikhandwa uHulumeni wobumbano, okuhlanganisa i-IFP okuyiyona ehola isifundazwe ngokuhlanganyela nayo i-ANC, iDA ne-NFP.
UMnu uMtolo wagcina eshawa ngesithende kwisikhundla sokuba uNobhala we-ANC esifundazweni iKwaZulu-Natal njengoba wayengene ngoNtulikazi wangonyaka wezi-2022.
Mayelana nokushishwa kwakhe esikhundleni uthe: “Ngeke ngaqamba amanga ngabuzwa ubuhlungu bokukhishwa esikhundleni ihlandla lami lingakapheli, kodwa lokho kwangiqinisa ekutheni ngazi ukuyhi kunjani ukususwa esikhundleni”.
Uphinde waveza yize bengaphansi kwaHulumeni wobumbano kodwa mese bekhankasa ngonyaka ozayo, bazobe beveza izinhloso zabo njenge-ANC ayi amanye amaqembu kanti futhi bazokwenza isiqiniseko sokuthi baqala ngokulungisa amaphutha enzekile ezikhathini ezedlule.
Udaba oluphelele ungaluthola kwiYoutube yeKZN Tonight Podcast:

