Now Reading
ISuzuki ikhombise ukuba yintandokazi eMzansi
Dark Light

ISuzuki ikhombise ukuba yintandokazi eMzansi

Inyanga esiphuma kuyo uNcwaba kube ngeyehlukile embonini yezimoto njengoba izibalo zokudayiswa kwezimoto ezintsha zinyuke mawala. Ngenyanga edlule kudayiswe izimoto ezintsha ezingama-55,956. Lesi yisibalo esikhulu esikhathini esiyiminyaka ezi-10 ekudayisweni kwezimoto eNingizimu Afrika.

Kwagcina ukufinyelwa kuso ngoNdasa wezi-2015. Igiya linyuke kakhulu ngenyanga edlule uNcwaba njengoba ngoMandlulo kwabe kudayiswe izimoto ezintsha ezingama-44, 278. 

Isibalo sezimoto ezithunyelwe kwamanye amazwe sinyuke safinyelela ezi- 32,659 ngoNcwaba wezi-2025, okusho ukukhula ngezimoto ezili-178 okanye u-0.5%. Yize bezidlana imilala, kepha enye yezinkampani eyenze ezibukwayo ngokudayisa kakhulu iSuzuki Auto South Africa. Ngokwezibalo ezikhishwe yiNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa) kwaSuzuki badayise izimoto eziyi 6,890 esigabeni sama passenger ne light commercial.

Lesibalo sedlule esika-Agasti lapho badayisa khona izimoto eziyi-6,534 okube ukwenyuka ngezingama-356. Sekuyinyang yesine kulandelana iSuzuki yedlula isibalo sezimoto eziyi 6000 ngokudayisa.

See Also

Le nkampani yaseJapan ihambela phezulu kulezinsuku njengoba izimoto zayo zingenise nxa zonke. Ezimotweni abazidayisile ngoNcwaba ezingama-4 ,842 zidayiswe ngama-Dealer, ingxenye eyi-2,048 yadayiselwa uhulumeni, nezinkampani ezirentisayo. 

Ezimotweni ezingu-16 iSuzuki egabe ngazo emakethe, intandokazi iSwift hatchback yiyo edayise ukwedlula ngo-2,377, kwalandela iFronx crossover SUV ngo-1,369, Baleno hatchback 596, Ertiga MPV 521 neDzire sedan 409. Isikhulu kwa-Auto Sales and Marketing kwaSuzuki uHenno Havenga uthe “Sizwele amaphiko okundiza ngokuqopha irekhodi elisha lale nyanga  edlule uNcwaba  ngifisa ukudlulisa ukubonga kuwowonke amakhasimende ethu akhethe iSuzuki”. Uthi banethemba lokuthi lonyaka bazowuvala kahle. 

Scroll To Top