Now Reading
INyanga Yezulu: INkosi u-Amos Kula Shembe
Dark Light

INyanga Yezulu: INkosi u-Amos Kula Shembe

INYANGA Yezulu yayizalwa uMaSigasa amagama ayo ngu-Amos Kula Shembe; wazalwa mhla zingama-25 kuMandulo 1906, eNtabazwe eFree State. Njengoba uMphrofethi u-Isaya Shembe wayesakhe idokodo ngaphandle komuzi.

Ngowe-1919 uMphrofethi wathatha abantwana bakhe ababili, iLanga neNyanga Yezulu kanye namadoda amabili, uMnqayi noMzobe, waya nabo eNtabeni iNhlangakazi. Wabagcoba ukuba babe ngabefundisi. Esebagcobile wabethula eBandleni lamaNazaretha ethi, “Bantwana bami, ngithunywa nguJehova, uthi angimgcobele laba befundisi bakhe. Laba befundisi yibona abayohola leli Bandla uma uJehova esengithathile. Uma ngihamba manje iBandla lizoholwa ngumfundisi uMnqayi, uma ehluleka loholwa yilo mntwana,” ekhomba iLanga. “Uma kungenjalo loholwa ngumfundisi uMzobe, uma ehluleka loholwa yilo mntwana”, ekhomba iNyanga Yezulu.

INyanga Yezulu yaqeda ibanga leshumi e-Adams College, yadlulela eFort Hare lapho yaphothula khona izifundo zobuthisha. Wabuya wazofundisa eManzimtoti nakwezinye izikole, waze wathatha umhlalaphansi. Waba ngumholi wamaNazaretha ngowe-1977 emuva kokuhamba kweNkosi iLanga. Ubuholi beNyanga Yezulu baba nezinkinga eziningi ngoba kwaqala lapho ukuthi iBandla lamaNazaretha lehlukane phakathi. Lesi sigaba siyadinga ukuchazwa kabanzi ngoba sinomlando odida ngisho amaNazaretha.

UMphrofethi wamemezela ngowe-1919 ukuthi abefundisi abane owayebagcoba eNhlangakazi bangabaholi beBandla bangomuso. Emva kwalokho uMphrofethi wathuma uMfundisi uMnqayi noMzobe ukuba bayoshumayela. Ekushumayeleni kwabo ababe besabuya eKuphakameni, bazakhela amabandla abo. Kwase kusala iLanga neNyanga Yezulu. Ngaphambi kokuthi uMphrofethi asishiye emhlabeni ngowe-1935, wenza iwill lapho owabeka khona iLanga ukuba libe ngumholi waleli Bandla, esebenza nabefundisi abayisithupha abayiSigungu Esikhulu ekuphatheni iBandla. Lesi Sigungu sasizolawula ukuphathwa kanye namafa kweBandla.

Laba befundisi njengokubhalwa kuwill kwakungu-Amos Shembe, uHornet Mbatha, uTimoty Khumalo, uMaltafa Lushezi, uJohannes Mlangeni noPhillip Ngubane.

Kwatholakala ukuthi iwill ayemukeleki emthethweni ngoba uMphrofethi ehambe engayisayinanga njengoba wayesathenga eminye imihlaba. Njengoba uMphrofethi wayenenkosana ubaba uStanela, kwasho ukuthi ngokosiko sekunguye okumele, njengendlalifa, athathe yonke into yoMphrofethi.

Nokho ubaba uStanela wathi akazugudluka kulokho okwakwenziwe nguyise. Ngokwalulekwa ngummeli iwill yaphendulwa yenziwa itrust, kwase kuthi ifa nobuholi ngokwemithetho yetrustsekuba yifa elivela kubaba uStanela; yabizwa ngokuthi iProtocol 291.

Ngokwale trust iLanga laba iTitular Head yeBandla kwathi iChief Council yaba amaTrustees eBandla. Njengoba ummeli wayimemezela yonke inqubo mhla lulunye kuNtilikazi 1935, kwathi kungakapheli ngisho inyanga abanye babefundisi ababengakwemukeli ubuholi beLanga bathi uzohola iBandla ngokuhamba phambi kwalo nokuba ngusihlalo emhlanganweni, kodwa iBandla liphethwe yibo; angazihlanganisi neminikelo kanye namafa. ILanga labona ukuthi alikwazi ukuhola leli Bandla esimweni esinje, labe seliya kuBaba uStanela nommeli ukuba ayichibiyele le Protocol 291 ngokuqeda iSigungu eSikhulu, bese kusala kumholi ukuzikhethela iSigungu.

See Also

Nempela uBaba uStanela wakwenza lokho, lesi sivumelwano sabe sesibizwa ngeProtocol 293, eyaba nguMthethosisekelo weBandla. ISigungu esasibekwa iLanga ngokweProtocol 293 yisona esasigunyazwe ukukhetha umholi, kodwa uma umholi enconywe iLanga, iSigungu sokhetha umholi onconywe iLanga. Ekuhambeni kweNkosi iLanga kwatholakala ukuthi asikho iSigungu iLanga elasibekayo ukukhetha umholi, futhi iLanga alincomanga mholi. Okwenzekayo ukuthi lingakahambi iLanga emhlabeni latshela amaNazaretha lishumayela, njengokwenza koMprofethi, ukuthi uyise wabagcoba nomfowabo entabeni yaseNhlangakazi njengabaholi, kodwa lona amaNazaretha aliwathembisi lutho endlini yalo.

Le nkulumo yeLanga ihunyushwa ngamaNazaretha ngezindlela eziningi. Kodwa kunamaqiniso omlando onke amaNazaretha angakwazi ukuwaguqula. Okokuqala nguMphrofethi owathi uthunywe nguJehova owamemezela eBandleni ukuthi iNyanga Yezulu ingumholi wangomuso. Ngakho iNyanga Yezulu ingumholi kaJehova. Okwesibili nguMphrofethi owakhetha iNyanga Yezulu njengelungu leSigungu esasizophatha iBandla, ebambisene neLanga. Okwesithathu eSigungwini esasikhethwe nguMphrofethi, ekuhambeni kweLanga yiNyanga Yezulu kuphela eyayisaphila. Okwesine akukho Sigungu iLanga elasikhetha ngokweProtocol 293 ukukhetha umholi, alincomanga mholi; esikhundleni salokho lakhumbuza amaNazaretha ngobuholi obamenyezelwa nguMphrofethi.

Ngenxa yombango wobuholi noPhasha owayeyindodana yeLanga, iNyanga Yezulu yagcina iphuma eKuphakameni namaNazaretha amaningi yakha umuzi waseBuhleni. Okucacayo ukuthi uBaba iLanga wakha iProtocol 293 ukuvikela ubuholi bakhe obabuhlaselwa ngabefundisi, kodwa engazimisele ukuthi agudluke kokwakushiwo nguMphrofethi ukuthi neNyanga Yezulu ingumholi waleli Bandla obekwe nguJehova. INyanga Yezulu yaba ngumholi wamaNazaretha kusukela ngowe-1977 yaze yasishiya emhlabeni ngowe-1995.

Scroll To Top