Now Reading
Bangene emgwaqeni abeMK bekhala ngentuthuko eMgungundlovu
Dark Light

Bangene emgwaqeni abeMK bekhala ngentuthuko eMgungundlovu

Emuva kwezikhalo nokuvalwa kwemigwaqo ezigcemeni ezehlukene ezindaweni zomphakathi eMgungundlovu bekhala ngokugqoza kwentuthuko, izolo lime nse idolobha kubhikishwa.

Umphakathi obufake imifaniswano yoMkhonto Wesizwe ubuqhamuka ezindaweni ezihlukene ezakhele uMgungundlovu.

ElaboHlanga lisanda kubika ngombhikisho womphakathi waseThornville ngaphansi kukaMasipala uMsunduzi okhiphele ilaka lawo emgwaqeni uvala zonke izindlela ezingenayo neziphumela kule ndawo ufuna ukuba kuphuthunyiswe izinhlelo zentuthuko ngenyanga edlule.

See Also

Emashini yanamuhla abantu baseMgungundlovu bebesacula iculo elifanayo. Abakubeke phambili ukunqanyulelwa amanzi nogesi nokukhucululwa kwendle ngaphandle kwesexwayiso. Umphakathi uthi awusebenzisi ithuba ngoba nakhu sekusondele ukhetho, kodwa uveze ukuthi impi yawo noMasipala uMsunduzi indala kodwa okwakamuva bevalelwa ugesi ngaphandle kwesexwayiso kushaye kwezwela.

Scroll To Top