Now Reading
Kuphikiswana ngomhlangano kaZuma noMalema
Dark Light

Kuphikiswana ngomhlangano kaZuma noMalema


Abasiboni isimanga ngomhlangano kaZuma noMalema


Akukho okungimangazile ngoba ngaphambi kokuthi asungule i-EFF wakhuzwa kaningi ngokwephula umthetho nezindlela ze-ANC, waba nemihlangano noMengameli wangaleso sikhathi. Angiboni ukuthi siyakwazi obekuxoxwa lapho, mhlawumbe vele yindlela yabo eyakhulunywa ngaleso sikhathi ukuthi izinto zizohamba kanjani. Ukhona umuntu obengagxeka yonke into ekhulunywa uMengameli engamboni nokuthi usivalo saliphi ibhodwe bese ekugcineni abe nomhlangano eNkandla? Mina ngizibonela umdlalo nje oseqophelweni eliphezulu. – nguMusa Mkh

UMalema uyabazisa abantu abadala kupolikiti ngaphandle nje kwalokhu kuphikisana ePhalamende. Lapho ephikisana nomunye ePhalamende kwakuthi uma sekukhuze uShenge athule. Ngakho-ke, kungenzeka ukuthi bebexoxa bakhulisana ngokuthile benoZuma. – nguBongekile Pititi Luthuli

Nakulowo owayenguMengameli waseZimbabwe  uRobert Mugabe wakwenza lokho. Zula’ zayithole siyabonga Bayede News phansi amaphaphu. – nguNjabulo Magec

Lize lifezeke leli phupho lami. Ukuhlangana kukaMsholozi noMalema kuyisiqalo sobumbano oludingekayo kubantu abamnyama, ukubuyisa okungokwabo. Ipolitiki yizinombolo ezibalulekile kuyo kanti futhi akuyisona eyabantu abanenhliziyo encane, nababuthaka. Wathungeleka umlilo wequbula. – nguLihle Sothole

Le nto iveza ngokusobala ukuthi okaMalema uyinsizwa ngoba uyakwazi ukuvuma uma onile, azehlise aye kuye okuyinkomba yokuthelelana amanzi. – nguSphesihle Majola

Lokhu okwenziwa uMalema kubizwa ngokuthi ukuzihlela ngokwezepolitiki. Kungenzeka kodwa ukuthi kunesizathu ukuhlangana kwabo. – nguMbuso Euclid


Babona isimanga kulo mhlangano wokuphuza itiye


Yebo kuliqiniso ukuthi okaMalema bakhona osopolitiki aseke wabavakashela ngenhloso yokuyoxolisa ngokungaboni ngaso linye okwenzeka phakathi kwabo ngaphambilini. Kepha kulokhu kuvakasha kwakhe kwaNxamalala, nakuba kuthathwa ngokuthi kungokufanayo nosekwake kwenzeka kwabanye osopolitiki, kuphakamisa imibuzo eminingi. 

Ngamafuphi kakwamukeleki nje ukuthi kuyokhunyelwana umlotha bese kuphelela lapho. Nami ngike ngawuhlaziya lo mhlangano kaNxamalala nomfo waseLimpopo, nakuba beyothelelana amanzi, kepha ngike ngazibuza ukuthi kungani lo mhlangano bese uqondana nesimo esishubile phakathi kukaMsholozi neKhomishini kaZondo? Ngabe kungenzeka yini balubhungile lolu daba? Uma kwenzekile lokho ngabe bathinte ziphi izihloko? Ngabe okaMalema umeluleke ngokuthi makaye esigcawini sikaZondo ayoziphendulela? Kanjani ngoba uZuma unabameli bakhe abagogodile kwezomthetho okuyibona abangameluleka uma lokhu akwenzayo kunobungozi? Noma ubeseNkandla ukuyoncela ulwazi oluthile ngoKhongolose? 

Bese lolo lwazi elwenzani okaMalema? Impela nami ngifikelwa umuzwa othi kakukhona ukuyoxolisa nje kuphela. Lukhona udaba oluthe ukujula abebeluxoxa. Kodwa-ke kazilali izindaba zesaba amazolo. Kuzovela ngelinye ilanga ukuthi bebephezu kwani bobabili emzini wakwaDakw’ udunuse. 

See Also

Ngeke ihlale ingawukhathazi uKhongolose eyalo mhlangano. – nguSipho Mbatha

Isimanga ngesokuthi uMalema bekunguyena obesekhaleni lempi yokuxoshwa kukaMsholozi, manje abantu kuyabamangaza lokho ukuthi namhlanje uMalema uyena osecela itiye noZuma. Bese kuba nombuzo wokuthi kazi lelo tiye belishetshwa nani? – nguXolanie Somxikaxika Mgie Lwandle

Ngiyaphika, akufani neminye imihlangano. UMalema ukhombise ukungamhloniphi okukhulu uZuma obekudlula nepolitiki. Ngakho-ke ukuhlangana kwabo ngeke kwathathwa kalula futhi ngeke kwaqhathaniswa nokukaoMengameli uMbeki noButhelezi. – nguMbongeni Khuluse

Sikhulu isimanga. Akukwazi ukuthi kungathi ixoki lixokiza ngezinto ezibucayi kanje bese kuthiwa  akunasimanga. Okokuqala leli xoki lahlangana nokaMadonsela bahlongoza ukuthi kusungulwe le Khomishini, namhlanje isidle izigidi zemali engabe isetshenziswe ekuthuthukiseni izwe. Namhlanje selijikile ngoba selifuna ukuzuza abalandeli bakaZuma ngoba nakhu naye engafuni ukuyophendula. Nina nithi akunasimanga. – nguS’busiso Mkhwanazi

UMsholozi akafani-ke nabo bonke laba ababalwayo. Umphumela ozophuma awuzofana nakulaba asebebaliwe kodwa uzokwelekelela endleleni yokushintsha ipolitiki esiqalwe uMsholozi, yingakho uMalema esheshe wabona ukuthi lesi sitimela asingamshiyi. – ngu-Elias M Ndimande

Scroll To Top