I-ANCYL KwaZulu-Natal ihlaba ihlikiza ubumbano kulesifundazwe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
I-ANC Youth League (ANCYL) esifundazweni iKwaZulu-Natal ibona indaba yoHulumeni wobumbano esifundazweni (GPU) kuyinto efile. Ibe isiveza ukuthi imbangela yalokho kungenxa kaMfu uThulasizwe Buthelezi onguMphathiswa eMnyangweni wezokuBusa ngokuhambisana neziNdaba zoMdabu.
I-ANCYL uma kumele bebumbe uHulumeni omusha esifundazweni neMkhonto WeSizwe Party (MK) kanye ne-Economic Freedom Fighters (EFF) bengakwenza, ngoba lona okhona uyinto efile.
Okwenza umunwe ukhombe uMfu uButhelezi ingoba bathi ugijimela oMasipala be-ANC, kodwa akabonwa nangokhalo kulabo abaholwa i-IFP okuyiqembu angaphansi kwalo.
Kanti iningi loMasipala abaholwa Inkatha banuka phu inkohlakalo, okungabalwa uThukela, Amajuba, iNewcastle, iZululand noMhlathuze.

