Ubani ikhehla: UMutharika uthi amava amqoka, iminyaka ayisho lutho
Emikhankasweni yakhe yokhetho engazange ithathe isikhathi eside uMengameli osanda kuqokwa waseMalawi uSolwazi uPeter Mutharika ubebhekana nombuzo ocishe uthi awufane ezindaweni eziningi lapho abenxenxa khona abavoti ukuthi bamnike elinye ithuba lokuhola iMalawi.
Lo mbuzo ubumayelana neminyaka yakhe engama-85 nokuthi uzokwazi yini ukumelana nezinselelo zezwe njengoba iningi labaseMalawi kuyintsha. Impendulo yakhe ibithi iminyaka ayisho lutho okumqoka amavanokuqonda izinselelo zezwe nobudlelwano namazwe angaphandle.
Nangesikhathi kuzwakala izindaba zokuthi nguye odle umhlanganiso ngamaphesenti angama-57 ehlula obenguMengameli uDkt uLazarus Chakwera oneminyaka engama-70 othole amavoti angama-33%. Omunye owake waba nguMengameli kulelizwe uNkk uJoyce Banda akalibonanga elidlalayo. UChakwera onguMfundisi uyivumile induku ngempelasonto wafisela uMutharika okuhle kodwa wathi uzosebenzisana naye.
UMutharika uthembise abantu baseMalawi ukuthi uzoqhubeka lapho ashiya ngoba ngowe-2020 emuva kokuthatha izintambo ngowe-20114. Ukunqoba kukaMutharika ophuma emndenini wezintandokazi zaseMalawi akugcinanga nje ngokuthakaselwa ngabantu baseMalawi, namazwe omhlaba nezingqapheli zichaze ukuqokwa kwakhe njengokube nobulungiswa ngoba ukhetho belukhululekile lungachemile.
Zithe zisuka nje kuleli sonto uMutharika wabe eseqalile ukuhambela ezinye izifunda efuna uvo lomphakathi nokuthi uzolihlanganisa kanjani ikhabhinethi yakhe. Kuleyo mihlangano ubekusho kucace ukuthi iminyaka yakhe yobudala angeke yamkhinyabeza ekusebenzeleni umphakathi.
Lesi sifundiswa kubhekeke ukuba sifungiswe ngokusemthethweni kuleli sonto emcimbini ozohanjelwa ngoMengameli bamazwe iningi labo elizoqhamuka emazweni ase-Afrika naseCarribean lapho uMutharika enobuhlobo obukhulu.

