Now Reading
UNdonga unxuse ukuhlonishwa kwezobunhloli kwamalungu ephalamende
Dark Light

UNdonga unxuse ukuhlonishwa kwezobunhloli kwamalungu ephalamende

UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, usenxuse amalungu ePhalamende ukuthi aqaphele uma edingida izindaba ezithinta ubunhloli ezinkundleni zokuxhumana noma emithonjeni yezindaba.

UMkhwanazi uvele phambi kwekomiti le-Ad Hoc elasungulwa ukuze liphenye ngezinsolo ezithinta ezokuphepha kuzwelonke.

Leli komiti lasungulwa ukuze lihlole izinsolo ezibanzi zokugxambukela kwezigebengu, inkohlakalo, nokugxambukela kwezombusazwe ohlelweni lwezobulungiswa, ezenziwa uMkhwanazi ngoNtulikazi

UMkhwanazi ishoba likaNdonga (abakwaMkhwanazi) likhona iLungu lePhalamende leDemocratic Alliance (DA), uDiane Kohler-Barnard kanye nomholi weNational Coloured Congress (NCC), uFadiel Adams kwiKhomishana kaMadlanga ngokuthi bathole imininingwane yobugebengu okwakungafanele bayithole.

See Also

UMkhwanazi unxuse amalungu ePhalamende ukuthi aqaphele ngolwazi olubucayi.

Khonamanjalo, amanye amalungu ekomiti, uSotswebhu we-African National Congress (ANC) uMdumiseni Ntuli noDavid Skosana weqembu loMkhonto weSizwe (MKP) – bacele uKohler-Barnard, oyilungu le-Ad Hoc Committee, ukuba ahoxe.

Scroll To Top