Now Reading
UMaimane nesiphakamiso sekhasi elisha kuleli
Dark Light

UMaimane nesiphakamiso sekhasi elisha kuleli

Njengabo bonke abafana besikhathi sakhe uMnu uMmusi Aloysias Maimane wazalwa ezweni elabe libuswa nguHulumeni wobandlululo. Empeleni uzalwe ngeminyaka ye-1980 lapho isandla sonya lombuso wabandlululo lwabe lubonakala emalokishini nasezindaweni zaboHlanga.  Le nsizwa izalwa yintombi yakwaXhosa nensizwa yaseNorth West, abahlangana kobantu eSoweto bonke bezama impilo ngaphansi kombuso wobandlululo.

Kuthe uma lo mbuso  wobandlululo uguqa ngonyaka we-1994 kwakhona ithemba lokuthi zonke izinto zizoguquka. Njengeningi laboHlanga ngaleso sikhathi uMaimane wabe ehleli ethembeni futhi enesizathu ngoba uHulumeni owabe usuphethe ngowaboHlanga ababelwazi usizi olwabe lwembethwe abacindezelwa.   

Nokho engxoxweni abe nayo nelaboHlanga uthe wonke amathemba ashabalala ngesikhathi ebona inhlupheko  yowesifazane waseSoweto owayezimbela umgodi wendlu yangasese. Uthi lokhu kwamenza wangabaza ukuthi iqembu elabe lilwela inkululeko nelabe liholwa yingqwele yakhe umufi uMandela lizokwazi ukugcina izethembiso ezalenza kubacindezelwa. Lokhu uthi kwamsondeza eqenjini eliphikisayo iDemocratic Alliance (DA) nagcina esengumholi walo. Sekuwumlando ukuthi nakhona kuDA washiya njengoba esehola inhlangano engekho ngaphansi kukaHulumeni nengacheme naqembu i-One South Africa Movement.

 “Impilo yaboHlanga uHulumeni wobandlululo wayenza ayangaba lutho. Okuthusayo ukuthi nangaphansi kukaHulumeni wentando yabantu akukho okusaguqukile,” kusho uMaimane ngobuso obudumele. Uthi lokhu kwenza akholwe wukuthi leli lizwe lidinga isiqalo esisha, lidinga ukuphenya ikhasi elisha.

Lo mholi umile ekutheni amaqembu onke akhona epolitiki manje akekho esimweni esihle sokuguqula izingqinamba ezibhekene naleli kusuka enkohlakalweni, kwezempilo, ezemfumdo nomnotho.

 “Sinamaqembu angama-50 esinawo ezepolitiki kodwa wonke ayahluleka ukufeza izidingo zabantu nokubhekana neqembu elibusayo. Kunalokho amaqembu aphikisayo ngokuba nhlakanhlaka alekelela iqembu elibusayo ukuthi liqhubeke nokuphatha nokwenza amaphutha, usho kanje.

Mayelana nenhlangano ayiholayo kanye nomthetho wokhetho  uthe: “I-One South Africa Movement, isungulelwe ukulwela amalungelo abantu nokuvumela labo abafisa ukungenela ukhetho ngokuzimela ukuba babeyingxenye yayo. Sifuna ukuba abantu bakithi babenethuba lokuzikhethela umuntu abamfunayo ukuba abahole. Sifuna abantu abakhethwayo umphakathi wazi ukuthi benzani uma sebekhethiwe. Lokhu kuzokwehluka kulokhu ngokuthi umuntu uma esekhethiwe angayi emphakathini kodwa abike eqenjini lakhe. Yilokho esifuna ukukuqeda,” kuchaza uMaimane.

Okunye aphawule ngakho uMaimane wukuqhubeka kokungahlonishwa kwamalungelo abantu kakhulukazi aboHlanga, uthe: “Alukho uguquko ekuhlonishweni kwabantu basemalokishini, isibonelo nje eSoweto yize kukhona izindawo eziheha abavakashi njengoVikalazi Street kepha iqiniso lithi abantu baseSoweto abahlinzekelwa izidingo ezifana namanzi nokuthuthwa kwendle, ugesi njengalaba basezindaweni ezifana noSandton. Uyabona nje bengihamba kwenye ingxenye yeSoweto lapho bekugeleza khona indle, leyo nto ngeke uyibone eSandton.” 

Uma kufika kungqalasizinda ezindaweni zakobantu uthe eSoweto nakwenzinye izindawo zakobantu uHulumeni kachithi imali eningi. “Sekushiwo wonke umbono wami uthi lo Hulumeni usabusa ngendlela eveza ukuthi impilo yaboHlanga ayibalulekile. Akukhona nje kugesi kuphela kepha nasezintweni ezimqoka. ESoweto uma abantu bakhona benezikhalo zokuthi ugesi abanawo babuzwa ukuthi bangaki abawukhokhelayo. Mina nje ngelinye ilanga ngisekhaya kuhambe ugesi, ngafonela u-Eskom ngifuna bazolungisa kodwa bangibuza ukuthi bangaki abantu abawukhokhelayo ugesi. Okusho ukuthi abakhokhayo bajeziselwa izono zabangakhokhiyo.

 “Akugcini lapho izikole zakhona ziyichilo. Umuntu ugula kuze kumenele engalutholi usizo. Le nto yenziwa uHulumeni wobandlululo yaba insila engapheli kuze kubemanje kubantu bakithi. Ezindaweni zaboHlanga ufika kuxhaxhaza amanzi endle emgwaqeni nokuyinto ongeke uyifice koSandton,” kusho uMaimane.

Ube esenza  isibonelo sokungalingani waveza udaba lokuba khona  kwamaphoyisa ezindaweni zakobantu. “Uma kunomuntu ofayo eSoweto kuthatha isikhathi namaphoyisa awekho. Emhlabeni jikelele kulindeleke ukuthi  amaphoyisa abheke abantu abangama-350 iphoyisa ngalinye kepha eDobsonville lapho ngidabuka khona iphoyisa elilodwa libheka abantu abayi-1 280, ngakho lokhu kufakazela ukuthi uma kufikwa ezindaweni zakobantu amaphoyisa mancane, isibalo sawo sedlulwa yimigulukudu.” 

Ngale kokhuvethe                                                                  UMaimane uthi okumqoka yikuthi izwe livuka kanjani njengoba liguqiswe wukhuvethe. 

Kulokhu uthe kube yishwa ukuthi uHulumeni wakuleli akanazo izimpendulo, ube eseqhamuka namaphuzu ayisithupha athi abengalungisa isimo ngale kokhuvethe: Okokuqala uthi kumele kuguqulwe indlela i-Eskom esebenza ngayo, ithuthukiswe ikwazi ukuthi amazwe asesifundeni iSadc abanesizinda esisodwa esiwaphakela ugesi ohlangene.

“Empeleni amazwe afana ne-Angola, iZimbabwe neZambia singakwazi ngokubambisana nawo sakhe i-Universal  Grid nokungasiza ekubeni nogesi onamandla ngaphandle kwezinkinga,” usho kanje

See Also

Okwesibili, uthi izwekazi i-Afrika okumele likwenze ukubeka eqhulwini ezolimo. 

“I-Afrika idinga ukubeka eqhulwini ezolimo ikakhulukazi umkhakha wokwakha imithi ukuze izinkampani ezingamaPhamarcy zizokwazi ukusabalalisa imikhiqizo yazo kubantu abayizigidigidi bezwekazi. Lokho singakwenza kanjani na? Uma ubuka izinhlaka eziwumgogodla womnotho, kungaba ezokuvakasha nezolimo, yizinto lezi engabe sigxile kuzo ngesikhathi sokhuvethe ngoba lokho bekuzovulela amathuba nezinye izinkampani ezintsha ukuba zingene. Uyithathakanjani imali eyizigidigidi ezingama-R500? Kunalokho le mali ibingasetshenziswa ukudala amathuba amasha omnotho obekuyosiza sibe nezinkampani ezikhiqiza izinsiza zokulwa nokhuvethe esikhundleni sokuba sibe nabantu abahlomule ngendlela enenkohlakalo.

Okwesithathu ukuguqulwa kwesimo sezemfundo esizokwazi ukuhambisana nesimo samanje ikakhulukazi njengoba umhlaba ukhungethwe ukhuvethe nokuyinto eseqhulwini kuye ukubona ezemfundo zibekwa phambili kuHulumeni.

Okwesine, uthi bekumele kube yithuba lokuthuthukisa indlela okwakhelwa ngayo abantu izindlu ezingakwazi ukuthi bahlala kuzo bangahlali ngokuminyana ukuze kugwemeke ukuthelelana ngezifo kalula.

 Okwesihlanu yithuba leli lokubuyekeza indlela okusebenza ngayo uHulumeni njengoba ukhuvethe likubeke obala ukuthi bangaki ongqongqopshe empeleni abasebenzayo nababalulekile ngokweminyango yabo.

“Sibenongqongqoshe abahlanu kuphela abebesebenza ngesikhathi sokhuvethe obekungowoMnyango Wezokubusa Nokubambisana Nezindaba ZoMdabu, oWezemisebenzi Nokuqashwa, oWezempilo noWezamabhizinisi Amancane noWezasekhaya. Lokhu  kwenza uzibuze ukuthi ngabe laba abanye bebenzani kanti? Ngakho njengoba sibhekene nesimo somnotho esintengayo lokhu kusifundise ukuthi singakwazi ukusebenza ngeKhabhinethi encane. Okunye sidinga kuguqulwe imigomo yezohwebo ezwenikazi i-Afrika ukuze ikwazi ukuhambisana nesimo somnotho esikuso njengamanje,” kusho uMaimane.

Okwesithupha uthe ukhuvethe lufundise ukuthi kumele nemigomo yezohwebo nomnotho ezwenikazi i-Afrika iguquke ukuze ikwazi ukumelana nesimo esikhona njengamanje, kuphinde kuqiniswe kwezobuchwepheshe kwezemfundo nakwezamabhizinisi.

Scroll To Top