Kusinda kwehlela inkece iyashabalala kuhulumeni okungachaphazela okuningi



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Izinhlelo ezimqoka zingahle ziphazamiseke kuzwelonke nakuzifundazwe
Ekuqaleni kwesonto abantu baseNingizimu Afrika bavuke nezindaba zokuthi elakuleli seliguqe ngamadolo manxa kufika kwezezimali. Lezi esimweni esejwayelekile yizindaba eziphathwa ngobunono ngoba uma ziphathwa budlabha zingadala ukutatazela kubatshalizimali nakubantu ezweni. Kuthe uma liphakama isonto lemi biko yaqinisekiswa yincwadi elaboHlanga elinayo. Le ncwadi ibhalelwe uMqondisi-Jikelele Osabambile woMnyango Wezamabhizinisi Amancane, uMnu u-Ismail Momoniat eneka isimo esibucayi izwe elibhekene naso.
Ngokwalencwadi akusahambi kahle nosekuphikisana nesabelomali salonyakamali wezi-2023/24. Wonke amaphupho kanjalo nezinhlelo zizophazamiseka. Lencwadi ibeka ngokuthi imali elindeleke ukuthi itholakale ngokuqoqa intela ngeke ibe yisamba esabe sihlonziwe.
NgoNtulikazi umnyango othintekayo wabika ukuthi isabelo zimali siphume emzileni ngesibalo esiyizigidigidi ezili-143.8 zamarandi.
Lesi simo sakamuva kasisisha njengoba ngowezi-2007 isiFundazwe ikwaZulu Natal sethula izinhlelo zokonga imali ngenxa yokuthi iminyango ethile yayivele isiphelelwe yimali ngendlela yokuthi uma isizwa kuyosho ukuthi isiFundazwe sisonke sizoba senkingeni ekupheleni konyakamali. Injolozela yabe isemnyangweni Wezempilo. Lomnyango kwaze kwadingeka ukuthi uMnyango Wezezimali WesiFundazwe ungenelele uthumele nezikhulu ezithile kubandakanya ezokuthengwa kwemphla nezokuphathwa kwezimali.
Njengengxenye yokulungisa isimo, iKhabhinethi yesiFundazwe yamukela iziphakamiso zoMnyango Wezezimali WesiFundazwe eziningana. Lapha singabala ukuqedwa kokuphekelwa kwezikhulu zahulumeni uma zinemihlangano, ukumiswa kohlelo lokuklomelisa abasebenzi uma benze kahle ekupheleni konyaka, ukuncishiswa kwezokuhambela imihlangano nemicimbi, nokumiswa kokuvalwa kwezikhala zemisebenzi.
Kwabe sekudingeka ukuthi leyominyango edinga lezizinto zicele imvume kuMnyango Wezezimali zichaze ukuthi kungani kufanele ziqhubeke nokuzenza. Kodwa ukuklonyeliswa kwabasebenzi ngokwenza kahle kwavalwa kwangavulwa nentuba yokucela ukuvunyelwa ukuqhubeka nako.
Lamasu aweza iKwaZulu Natal ngokwezimali njengoba isimo
sabe sesibuyela kwesejwayelekile ekuhambeni kwesikhathi. Ngokuhamba kwesikhathi lamasu agcina esamukelwa uhulumeni kuzwelonke.Nakulokhu, njengoba amanzi esengene endlini-nje kubukeka uMnyango Wezezimali usuphinde wayothathela kumasu ayesetshenziswe yisiFundazwe sakwaZulu Natal.
Imiphumela yalokhu
Encwadini uMomoniat weluleka ngokuthi kusukela ngomhla zili- 15 kuMandulo nonyaka izikhala azingavalwa ngaphandle uma oqashwayo ebesevele esebhalelwe waziswa. Okunye akushilo
LesisiFundazwe saba ngabokuqala ukufaka imigomo yokonga imali ngowezi-2007, ngakho izinhlelo zokwenza lokhu vele zikhona, ngakho-ke ngeke kube lukhuni ukuhlonza izinto ezingenasidingo, bese leyomali ifakwa ekuhambiseni izinsiza kubantu
kulencwadi kubandakanya
ukuthi izisebenzi zikahulumeni zingabe zisahambela izindawo ngaphandle uma zingeke zichithe ubusuku ( zikhokhele ukulala) emahotela kanye nokungakhangisi amathenda amasha okwakhiwa kwezinqalasizinda. Ingqalasizinda ibandakanya amabhilidi anjengamakliniki, amahhovisi, imiqwaqo, nokunye.
Okuthanda ukudida ukuthi izifundazwe ezinjengeGauteng neKwaZulu-Natal zisanda kumemezela izinhlelo zokuqasha inqwaba yabantu . IKwaZulu-Natal isanda kumemezela uhlelo lwe- Sthesha Waya Waya okunguhlelo loMnyango Wezokuthutha.
Ngokwencwadi yoMnyango Wezezimali iMinyango Yezezimali YeziFundazwe isaceliwe ukuthi iqhamuke neqhingasu lokuhlanganisa izabelomali.
Yize lemiyalelo ingabonakala inzima njengoba isho ukuthi ukusebenza kwahulumeni kungaphazamiseka, uMnyango Wezezimali ubungakayi kwiKhabhinethi ukuyokwethula futhi ucele isinqumo sokugcina ngaloludaba.
Ngakho kungenzeka ukuthi iKhabhinethi yengeze kulemiyalelo njengoba noMnyango Wezeminali ubeka ngokuthi lamasu awanele ukulungisa lesisimo esibi sezimali.
Nenhlangano yoMasipala, iSouth African Local Government Association ibhekeke ukuthi iqhamuke namasu okonga izimali. Yize omasipala beqoqa izimali kubantu abakhokhela izinsiza namareythi, iningi lemali bayithola kuhulumeni kazwelonke nakulowo wesifundazwe.
Lemali isetshenziselwa izinto ezifana nokwakhiwa kwezindlu, imigwaqo nezinhlelo zezempilo. Uma kunenkinga yezezimali ezingeni lesifundazwe nasezingeni likazwelonke kusho ukuthi ziningi izidingo zabantu ezingase zingahlangatshezwa.
Amaholo alaba abasebenza kuhulumeni
Lencwadi iphinde ikhale ngokuthi ayikho imali eyabelwe ukubhekana nesivumelwano sokunyuka kwamaholo esenziwe. Ngakho ke iminyango kubhekeke ukuthi ikhotholoze emigodleni evele inayo ngoba ngeke inikezwe enye.
Lokhu kusho ukuthi ngaphezu kwalemiyalelo namasu okonga imali osekubekiwe, iminyango kahulumeni kufanele kube nezinhlelo ezimisayo
noma eziyekayo ukuze ikwazi ukukhokhela izisebenzi.
Konke lokhu kuyizindlela zokuvikela isimo lapho imali izoze iphele-nya. Uma kwenzeka lokho kungasuka umbhedukazwe njengoba kungama ukukhokhelwa kwezisebenzi, ukuthenga uphethiloli wezimoto, ukukhokhela amanzi nogesi kanye nokukhokhela izinkampani ezenzele uhulumeni umsebenzi. Izindawo ezifana nezibhedlela, izikole nezinye zingama-nse zingasebenzi.
Umnyango Wezezimali kaZwelonke uzosebenzisana neminyango nezinye izinhlaka zikahulumeni ukuhlanganisa izabelomali njengengxenye
yohlelo lweMedium Term Budget Policy Statement(MTBPS). Lolu wuhlelo olwenzeka minyaka yonke yokubuyekeza isabelomali phakathi nonyaka nokubheka isimo sezomnotho.
Okhulumela uMnyango Wezezimali esiFundazweni saKwaZulu Natal uThuba Vilane ukuvumile ukuthi lesisiFundazwe sazisiwe ngalenkinga.
“IProvincial Executive Council (PEC) iludingidile udaba yanquma ukuthi kuxoxiswane nohulumeni kazwelonke njengoba lesisimo sichaphazela isiFundazwe ngenxa yezinto ezingephutha laso,” kusho uMnu Vilane.
Uqhube wathi IPEC ithe lokhu kuyingqinamba yasosonke isiFundazwe ngakho-ke kuzoba nokufakana imilomo nazo zonke izinhlaka ukugwadla amasu.
“LesisiFundazwe saba ngabokuqala ukufaka imigomo yokonga imali ngowezi-2007, ngakho izinhlelo zokwenza lokhu vele zikhona, ngakho-ke ngeke kube lukhuni ukuhlonza izinto ezingenasidingo, bese leyomali ifakwa ekuhambiseni izinsiza kubantu,” kuphetha uMnu uVilane.