Bathi iKhomishini igeje umgodi ngezinkonzo
ISINQUMO seKhomishini Egqugquzela Ivikele Amalungelo Amasiko Nenkolo sokuthi izocubungula zonke iziteshi zethelevishini ezisakaza izinkonzo zamabandla ngenhloso yokubheka ukuthi aziwudukisi yini umphakathi sihlangabezane nembibizane ezinhlanganweni ezimele inkululeko yabezindaba nokusakaza.
Lesi sinqumo sithathwe ngoLwesibili emuva komhlangano wokubonisana wale Khomishini othathe izinsuku ezimbili kulandela ukusabalala kwevidiyo yebandla likaMfundisi u-Alph Lukau i-Alleluia Ministries eGoli emveza “evusa ekufeni” ilungu lebandla. Kukhona abathi iKhomishini isiyenza okungale kwalokhu eyayisungulelwe khona okuwukuvikela amasiko nokungasetshenziswa kwenkolo ukudukisa ngokuzicebisa.
UMfundisi uPaulos Mthimkhulu wegatsha leZion Christian Ministries eMbumbulu uthi iKhomishini iphawula njalo selidume ledlula futhi nezinto ezishoyo ibonakala ingazilandeleli. UMthimkhulu uthi njengoba iKhomishini ibonakala igxile kakhulu ekweluseni abefundisi bangaphandle, kuningi nokungahambi kahle okuwukudukisa kwabaphethe inkolo bakuleli.
Uveze ukuthi ngonyaka wezi-2017 esinye seziphakamiso esenziwa nguSihlalo weKhomishini kwenye ingqungquthela wathi bazolandelela ukuthi bonke abefundisi bayabhaliswa ngaphansi kohlaka oluthile ukuze kube nenhlangano eyodwa.
Wathi umfundisi noma umholi webandla bazolandelela ukuthi unendawo akhosela kuyo okungaba indlu yebandla, umuzi, ithempeli noma indawo nje evulekile kodwa namanje lokho akukenzeki njengoba kusekhona oqhibukhowe bamasonto. Umbiko weKhomishini owethulwa ePhalamende obizwa ngokuthi i“Commercialisation of Religion and Abuse of People’s Belief Systems” awuzange uthele izithelo.
USihlalo weKhomishini uNkk uThoko MaMkhwanazi Xaluva uthi inkinga enkulu futhi enganakiwe ngeyeziteshi zethelevishini ezisakaza izinkonzo zamabandla ehlukene nalapho abefundisi benza khona yonke imilingo umphakathi oyikholwayo.
“Sizoqala uhlelo lokubheka zonke iziteshi zethelevishini ezisakaza izinkonzo zamabandla ukuthola ukuthi azinaso yini isandla ekuthumeleni umyalezo ongeyiwo odukisa nabantu,” kuchaza uNkk uMaMkhwanazi Xaluva.
Ukuphawula kwakhe kudale ukuthi ezinye zezinhlaka ezimele amalungelo abezindaba nokusakaza zichaze inkulumo yakhe njengebheke ekunqindeni amandla iziteshi zethelevishini nokuzikhethela lokho okumele zikusakaze. IMedia Monitoring Africa (MMA) ithi kubalulekile ukuthi konke okusakazwayo emithonjeni yezindaba kube yilokho okungawacindezeli amalungelo futhi okungadukisi umbukeli.
Lolu hlaka luthi iNingizimu Afrika ibuswa ngoMthethosisekelo onika abezindaba ilungelo lokusakaza ngokukhululeka, kodwa okungachazi ukuthi sekumele kusakazelwe isizwe nezinto ezingumbulalazwe. “Thina esikumele ukugqugquzela ukusakazwa kwezindaba ngokukhululeka nokungachemi futhi nomphakathi okuyiwona ogxishwa ngezindaba ube nalo iqhaza olibambayo ngokuveza uvo lwawo uma kukhona lapho ungenelisekile khona ngokusakazwayo,” kusho isitatimende seMMA.
Inhlangano iSupport Public Broadcasting Coalition (SOS) ithi iKhomishini kuyomele ibheke kungabi yiyona ezithola isiphambana noMthethosisekelo wezwe othi wonke umuntu unelungelo lokuzikhethela lokho afisa ukuba yikho njengobufundisi. Ithi umthetho iCritical Infrastructure Protection Bill ingxenye yawo ingasetshenziswa ekunikeni izeluleko abezinhlangano zokusakaza nethelevishini njengoba sekukhona neziteshi zomphakathi okungephikwe ukuthi kukhona lapho zibuye zisilele khona ngemuva ekulandeleni umthetho.
ISOS ithi okungasiza wukuthi inkolo nayo njengebhizinisi ibekelwe imibandela, kodwa ukunqinda amandla iziteshi zomsakazo angeke kusize ngalutho. Seziyinsakavukela umchilo wesidwaba izigameko zabefundisi abenza izinto ezishiya isizwe sishaqekile. Ngowezi-2017 uMfundisi uPenuel Mnguni wabonakala edlisa amalungu ebandla amaphela namahlamvu ezihlahla, kanti muva nje uMfundisi uTimothy Omotoso ubhekene necala lokudlwengula amantombazane amancane ebandla lakhe.