Now Reading
I-UNSC izovota ngobulungu bePalestine ku-UN
Dark Light

I-UNSC izovota ngobulungu bePalestine ku-UN

I-United Nations Security Council (UNSC) ihlelelwe ukuvota namhlanje esicelweni sasePalestine sobulungu obugcwele be-UN, kusho osomaqhinga, okuyisinyathelo u-Israeli esebenzisana ne-USA kulindeleke ukuthi basivimbe ngoba uma isicelo sibe yimpumelelo kuyochaza ukuthi iPalestine isiyizwe elizimele.

Umkhandlu onamalungu ali-15 kulindeleke ukuthi uvote namhlanje ntambama ngehora lesi-3 esinqumweni esisalungiswa esincoma kuMhlangano Jikelele we-UN onamalungu ali-193 ukuthi “iPalestine yamukelwe ekubeni yilungu leNhlangano Yezizwe,” kusho amanxusa.

Isinqumo somkhandlu sidinga okungenani amavoti ayisishiyagalolunye avumayo futhi amazwe anjenge-USA, iBritain, iFrance, iRussia noma iChina bangasebenzisi isivumelwao sawo ukuze siphase. Osomaqhinga bathi lesi sinyathelo singase sisekelwe amalungu omkhandlu afinyelela kwali-13, okungaphoqa i-USA ukuthi isebenzise isivumelwano sayo.

Ilungu loMkhandlu i-Algeria, nelethule lesi siphakamiso, licele ukuthi kuvotelwe ngoLwesine ntambama (izolo) ukuze kuhambisane nomhlangano woMkhandlu Wezokuphepha eMiddle East, okulindeleke ukuthi uhanjelwe ongqongqoshe abambalwa.

I-USA ithe ukusungulwa kwezwe elizimele lasePalestine kufanele kwenzeke ngezingxoxo eziqondile phakathi kwezinhlangothi ezimbili (Israeli nePalestine) hhayi kuNhlangano Yezizwe. “Asiboni ukuthi ukuthatha isinqumo eMkhandlwini Wezokuphepha kuzosifikisa lapho singathola khona isixazululo semibuso emibili siye phambili,” kusho iNxusa lase-USA ku-UN uLinda Thomas-Greenfield ngoLwesithathu.

Njengamanje iPalestine iyingxenye ye-UN kepha kayilona ilungu lamazwe aqaphelayo, okuyisinqumo esanikezwa nguMkhandlu Jikelele we-UN onamalungu ali-193 ngowezi-2012.

See Also

Kodwa isicelo sokuba yilungu eligcwele le-UN sidinga ukugunyazwa uMkhandlu Wezokuphepha bese kuba okungenani izingxenye ezimbili kwezintathu zeGeneral Assembly. UMkhandlu Wezokuphepha we-UN sekuyisikhathi eside ugunyaza umbono wamazwe amabili ahlala ndawonye ngaphakathi kwemingcele evikelekile neyaziwayo.

IPalestine ifuna izindawo ezinjengeWest Bank, empumalanga yeJerusalema kanye naseGaza Strip, yonke indawo eyathunjwa u-Israeli ngowe-1967 ithathwe njengezwe layo. Incane inqubekelaphambili eyenziwe ekuzuzeni umbuso wePalestine kusukela kwasayinwa iSivumelwano sase-Oslo phakathi kuka-Israeli kanye Neziphathimandla zasePalestine ekuqaleni kwawo-1990.

Umkhankaso wasePalestine wokufuna ubulungu obugcwele be-UN ufika ezinyangeni eziyisithupha empini phakathi kuka-Israeli nebutho lasePalestine iHamas eGaza, nanjengoba u-Israeli andisa izindawo zokuhlala eWest Bank.

Scroll To Top