Ingcindezi eKenya befuna kuhoxiswe amacala

by Anathi Mtaka
November 18, 2022

Isithombe: Nairobi Leo

Anathi Mtaka
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Inkantolo yaseKenya ivumele isicelo sabashushisi bomphakathi sokuthi kuhoxiswe icala lenkohlakalo lika-7.4 billion ($60 million) elibekwe iPhini likaMengameli uRigathi Gachagua. Ekanye nabanye abasolwa nabo babekwe amacala enkohlakalo nyakenye, kodwa uyawaphika. UMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi uNoordin Haji ucele inkantolo ekuqaleni kwale nyanga ukuthi ivumele ukuhoxiswa kwamacala athweswe uGachagua ngenxa yokushoda kobufakazi.