Now Reading
“Ukuze iNPA ibuyelwe ukwethenjwa kufanele ibophe ngempela”
Dark Light

“Ukuze iNPA ibuyelwe ukwethenjwa kufanele ibophe ngempela”

Inhlangano i-Ahmed Kathrada Foundation ithi ukuze iNational Prosecuting Authority (NPA) ikwazi ukwakha kabusha ukwethenjwa kwayo emphakathini kuzofanele isebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi abantu abaqavile abathinteka enkohlakalweni bayaboshwa.

I-Special Investigating Unit (SIU) igasele emzini kasomabhizinisi uHangwani Maumela eSandton ngoLwesine olwedlule njengengxenye yophenyo oluqhubekayo mayelana nenkohlakalo yamathenda ezigidigidi zamarandi esibhedlela iTembisa.

Scroll To Top