Now Reading
Ukwazi imilando kuzosizuzisa inhlakanipho yabasandulela
Dark Light

Ukwazi imilando kuzosizuzisa inhlakanipho yabasandulela

Bandla lakwethu ngicela ke sibhekisane lapha ngoba enhle ithungelwa ebandla ofisa ukuya phambili empilweni ngokucophelela udinga ukufunda imilando ngobuningi bayo ukuze ezomukela inhlakanipho kulabo abamendulela.

Akesibheke ukuqambeka kwamagama emizi uma ubheka ukuqambeka kwamagama ezindawo kusuke kulondwa isigameko ukuze isizukulwane esilandelayo sizuze ulwazi ngalabo abasandulela, sifunde ngamaphutha abo kanye nobunyoningco babo empilweni. Kuyenzeka emindenini kube nezingxabano ezisuswa yimibango, wukumonelana, wuchuku, wukufuduka kuyofunwa amadlelo aluhlaza noma imibango yesithembu. Lezizigameko ngaphandle kokuthi zizale amagama emizi ziphinde zizale amahubo nezigekle ngoba kusuke kuqholoshelwana kupiklelwana kuphendulwana ngamagama anenhlese yempi, yingakho kukhona izigiyo nemiphendu uma kunomcimbi ekhaya.

Ukwenza isibonelo ngokuqambeka kwegama lomuzi kwathi ngeminyaka yowe-1945 Eshowe iNkosi uMpikayiswa kaMehlwana ikhetha omunye wabafowabo uNkonzo Khoza ukuba abe yibamba Bukhosi kwavuka abomndeni bathi “kanti mina nginjani?” Umuzi abawuphuma namuhla ubizwa ngokuthi kukwa Mina nginjani, abanye abaphuma kulelikhaya bathi bayasuduka namuhla lelokhaya libizwa ngokuthi kukwaMsuduka.

Omunye wabeletha eyakhe ingane wayokwakha kwenye indawo kwathiwa lowo muzi yiseMhlane, inkosi kwathi emuva kwalezigameko iNkosi uMpikayiswa yakha omunye umuzi ibalekela ukukhuluma yathi ngiyaluphinda ulimi namuhla kunomuzi obizwa ngoPhindulimi ngenxa yokuthi uma uphinde ulimi awukwazi ukukhuluma.

Njengoba sesiziqhenya ngokuhlala kulamakokosi abezizwe lapho sihlala sifingqana khona sibe singenamlando onothile ngempilo esiyiphila namuhla, inkinga namuhla wukuthi lamaxhokovana esihlala sibe sikhokha ezishisiwe izimali awanawo umuzwa wegceke, ikhaya yindawo enezindlu ezinomlando njengendlu kaGogo, ekaKhokho kanye neyezidalwa zonke ezihlanzekile noma indlu yamathongo.

Njengoba kuyinyanga yokubungaza i-Afrika kumqoka ukuba siqinise amaseko ukuze izokwazi ukuphekwa ngomhluzi wenye eyethu ihabulwe ingunaphakade, bakwethu enethunga ayisengeli phansi noma ngabe singeke sabuyela empilweni yasendulo okungenani asifunde ngenhloso yokulonda amafa namagugu lethu. Zonke izinto emhlabeni zinezinhloso ezinhle kodwa umphumela wenhloso awefani nenhloso yebo singahlala emadolobheni sizindondonye izifuba kodwa liphi ifagugu elefana nesibaya okuyindawo eluphawu lomnotho, uma uhlala esilungwini usuke ungekho kodwa usuke uhlala enqabeni yokucasha.  Ngoba awunalo ilungelo lokuthi uqashabile bese wetha indawo yomuntu igama, ngisho usuyithengile kuba nemidanti okumele uyilandele engakwenzi umnumzana.

See Also

Sikhulu isidingo sokuba sishintshe indlela esicabanga ngayo siyindlu ensundu sikhuthalele ulwazi olungaba wumnotho kubantwana bethu buka-nje eNdlunkulu amazinyane eZilo azigqaja ngamagama ezigodlo ezakhiwa ngoyisemkhulu nogogo babo,uzwe kuthiwa iSILO sakwaNodwengu, esakwaDukuza, esasoSuthu, esasoNdini lawa ngamagama esikhumbula ngawo zonke izilo asikho ISILO esikhunjulwa ngegama nesibongo kepha kuba wumuzi kayise, le nto ingena ngaphansi kwesifundo semilando yamagama ezindawo uma kungenziwa ucwaningo olunzulu ngamagama emizi kungaphuma umqulu ongaguqula izimpilo zabantu ngoba lena yindlela ecwengekile yokulonda umlando, uthando ngathi luyovueselela ulwazi ngathi ngoba into mawuyithanda uhlala uhalela ukuzwa ngayo ngasosonke isikhathi.

Ngakho uma uhlala esilungwini woke uzibuze ukuthi ngabe izingane zakho uyozishiyela nini umlando uma ungawenzi umzamo wokuthi uthole indawo ongakha kuyo uze uyiqambe igama ukuze izingane zizosala zikukhumbula ngalo. Okhokho bethu sibakhumbula ngalokho abasishiyela bakuqamba bakuqopha kwaba wulwazi ngoba kuqala umcabango kulandele ukwenza bese kuphuma umkhiqizo wolwazi lwezizukulwana.


Ushicilelo lokuqala lube mhla zingama 23 kuMbasa wezi-2023

Scroll To Top