Now Reading
Usheshe wafika uKhisimusi kwizakhamizi zasoPhongolo
Dark Light

Usheshe wafika uKhisimusi kwizakhamizi zasoPhongolo

View Gallery

Akusasele nsuku ezingaki ngaphambi kokuthi kube ukhisimusi, amakhaya amaningi alubheke ngabomvu lolu suku kwazise anezinhlelo ezithize ngalo kanti kuphinde kube namakhaya angenazinhlelo ngenxa yesimo somnotho.

Kodwa imindeni eminingi eswele yakuMasipala uPhongolo isizokwazi ukuthi ibe nokhisimusi othi awuve nesithunzi, lokhu kubonakale ngesikhathi iMeya uMnu uBhekinkosi Thwala ehlanganise abantu abadala nezingane emcimbini kaKhisimusi osingathelwe edolobheni lasoPhongolo, e-Caravan Park, izolo.

IMeya uThwala ngokubambisana namaKhansela oMkhandlu wakhe, bahlele lo mcimbi ngenhloso yokuxosha ikati eziko, ikakhulukazi kubantu abadala abangathathintweni, nabahlonzwe amaKhansela emawadini, kanye nama Wadi-komidi kuma-Wadi ali-15.

“NjengeMeya ngibone ukuthi kufanele kube khona engikwenzela umphakathi kakhulukazi abantu abadala abayizinqolobane, kusho lukhulu kumina ngoba ngibahlonipha kakhulu. UMkhandlu wethu wasoPhongolo ukwazile ukuhlonza imindeni eli-150 kuwona wonke ama-Ward ali-15, okusho ukuthi i-Ward ngayinye sithathe abantu abadala abali-10. Ngithe mangibheka nginkece kaMasipala ngabona ukuthi kumele sizenzele izalukazi namakhehla uKhisimusi” kusho iMeya engakaqedi isikhathi esingakanani yathatha izintambo.

Isalukazi esihlomulile uNkz Jane Sheick oneminyaka yobudala engama-78, ubonge kakhulu kwiMeya uThwala ngabenzele khona bengabantu abadala.

See Also

“Ithe iMeya mayikhuluma ithi kunemizi okulele ikati eziko engazi izohlanganisa ini nani, ngivele ngakhala ngoba ngibone ukuthi iqondise kumina uqobo. Njengoba ngingazi ukuthi ngizobahlanganiselani abazukulu engihlala nabo. Ekhaya ngikhuluma nje siphila ngemali yempesheni” uNkz Sheick.

Nezingane ezincane zitholile amathoyizi okudlala.

Scroll To Top