Injabulo bethola ukuqashwa ngokugcwele eMnyangweni

by Bayede News
November 3, 2023

Bahluleke nokuzibamba yinjabulo asebeqashwe uMnyango wezokuThutha ngokugcwele ngenkathi uMphathiswa uMnu Sipho Hlomuka enikezela ngezincwadi zokuqashwa emcimbini obusehholo ledolobha eMgungundlovu. Laba abangaphezulu kuka-440 bazolekelela uMnyango ukuba ukwazi ukuletha izinsiza ngesikhathi esifanele emiphakathini. Abangu-241 bavela ophikweni olubhekele ingqalasizinda kanti abangu-54 basemahhovisi, bese kuthi abangu-146 babe yingxenye yohlaka lokugcinwa komthetho
nabadingeka kakhulu njengoba kubhekwe esikhathini samaholide kaKhisimusi.