IMelika ayiyijezisanga iNingizimu Afrika nge-AGOA
UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Bekunokusaba ekutheni ukuphambana ne-USA ezintweni ezithile kungahle kulikhiphe ngaphandle elakuleli
Ukuvuselelwa komthetho wase-USA onikeza amazwe ase-Afrika ithuba lokuhlomula ngohwebo, ikakhulukazi ukudayisela i-USA imikhiqizo yawo kusho lukhulu kwezolimo.
I-Africa Growth Opportunity Act (AGOA) inikeza amazwe afana neNingizimu Afrika ilungelo lokudayisela elaseMelika imikhiqizo ngaphandle kokukhokha intela yempahla. Angama-30 amazwe ase-Afrika ayingxenye yohlelo lwe-AGOA. Kubalwa iNingizimu Afrika, iCameroon, i-Angola, iKenya namanye.
Bekunakho ukwesabela ukuthi iNingizimu Afrika ingase izithole ikhishelwa ngaphandle kwalolu hlelo. Loku kwesabela kusukela ekutheni iNingizimu Afrika yathatha isinqumo esingavunwa yi-USA ngempi yeRussia ne-Ukraine kanye nesenzo sakamuva sokumangalela i-Israel enkantolo ye-United Nations, i-International Court of Justice ngokuthi inecala lokushaya ibhuqe amaPalestina.
Lolu hlelo lwe-AGOA lunombandela wokuthi amazwe ahlomulayo akufanele aphule inqubo ye-Melika yezangaphandle. Akuqali ukuthi ukuhlomula kweNingizimu Afrika ku-AGOA kube sengcupheni. Ngowezi-2016, owayenguMengameli wase-Melika wakhipha isaziso sokumisa iNingizimu Afrika. UHulumeni waseNingizimu Afrika wawuziphungela ngelithi uzama ukusindisa imboni yezindwangu kanye nezinye izizathu. Nokho kwagcina kuvunyelwene ezingxoxweni zangaleso sikhathi.
Lolu hlelo luzophelelwa yisikhathi ngowezi-2025. Yingakho kubalulekile ukuthi luvuselelwe. Amazwe asezansi kweSahara afaka imikhiqizo eyi-1 800 e-Melika ngaphandle kokukhokha intela yempahla. Phezu kwalokho kunemikhiqizo ezinkulungwane ezi-5 ngaphansi kohlelo iGeneralized System of Preferences.
ENingizimu Afrika imboni yezolimo ikleliswe yaba ngeyesithathu ukuhlomula njengoba ikwazi ukugwema intengo yempahla elinganiselwa ezi-$5 715 891.00. (107 000 amatani okusawolintshi, +- izigidi ezingama-R86.3). Isiyonke intengo yempahla egwenywa yizinkampani zaseNingizimu Afrika yizigidigidi ezi-R2.
INingizimu Afrika idayisela i imikhiqizo yezolimo elinganiselwa ezigidini ezingama-$175. Ukungakhokhi intela yempahla kusiza ukuthi imikhiqizo yaseNingizimu Afrika ikwazi ukuncintisana ngentengo nemikhiqizo yase-America nakwamanye amazwe. Lokho kusho ukuthi kunemisebenzi eminingi esindayo ezweni. Izibalo zikhomba ukuthi imboni yezolimo yiyo eqasha kakhulu kunezinye njengoba inamaphesenti angama-21.
Sekukaningi uMengameli wase-Melika uMnu uJoe Biden ezwakalisa ukuzimisela ngokuvuselela lo mthetho. NgoLwezi nyakenye uMengameli waseNingizimu Afrika, uMnu uCyril Ramaphosa waphakamisa ukuthi isikhathi sehlandla le-AGOA sinwetshwe khona kuzokhuthazeka abezimboni zokukhiqiza.