IsiFunda uMzinyathi nenselelo yokuqeda inkinga yamanzi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


Inhlansi yethemba ngenkinga yamanzi kwisiFunda uMzinyathi njengoba kubekwe imali eyizigidi ezingama-R48, yokuthi kuxazululeke lenkinga enesikhathi ikhona.
Lesi siFunda esihlanganisa oMasipala abane okuyiNdumeni, iNquthu, uMsinga noMvoti, besibambe ingqungquthela yamanzi ethathe izinsuku ezimbili nebobanjelwe eButterfield Country Lodge, eDundee.
Lo mcimbi ubuhanjelwe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke uMnu uVelenkosini Hlabisa.
Ekhuluma uMnu uHlabisa uthe abantu bazogcina bekhathala kwazise lenkinga isithathe isikhathi eside singekho isixazululo sayo.
“Lenkinga idinga ukusukunyelwa ngokukhulu ukuphuthuma. Kuyethusa ukuthi emva kweminyaka engama-31 sathola inkululeko kusekhona abantu abakhala ngamanzi. Asikho esinye isikhathi esidlula lesi, sokuthi ilunge lenkinga” kusho uMnu uHlabisa.
Uphinde watshela abaholi bakoMasipala abangaphansi kwawo uMzinyathi ukuthi uma besafuna ukubuyela ezikhundleni kuzomele beyisukumele lenkinga yamanzi.
IMeya yaseMzinyathi uNkk uThembisile Mchunu yena uthe baziphonsele inselelo yokuthi balubheke ngeso elibanzi udaba lwengqalasizinda endala.
“Inkinga yamanzi siyayazi ingakho sifuna ukuqhamuka noshintsho wokuthi ngalemali umuzi nomuzi ube ne-Borehole. Bese siqala sibheke ingqalasizinda endala. Ngoba sifuna inkinga yamanzi iphele.”

