Kubuye ithemba kosomnotho iRandi livula ngamandla ekuqaleni kwesont



USolwazi uDumisa ungungoti Wezomnotho noMthetho noMmeli waseMajajini.
UMsombuluko
IRandi livuleke ngamandla uma liqhathaniswa nedola laseMelika njengoba livule li-R17.99/US$, uma liqhathaniswa nezinga lokuvulwa kwangoLwesihlanu olwedlule lika-18.04. IRandi livuleke lintekenteke kakhulu ngama-R20.25/UK£, njengoba liqale cishe kwama-20.10 uma liqhathaniswa ne-UK Pound Sterling, i-Great Britain Pound (GBP), uPondo, uma kuqhathaniswa nezinga lokuvulwa kwangoLwesihlanu olwedlule lama-20.02. IRandi livule lizinzile ngo-R17.68/€ uma liqhathaniswa ne-Euro ye-European Union, okuyilapho kanye elivulwe khona ngoLwesihlanu olwedlule.
ULwesibili
IRandi livuleke ngamandla ngama-R17.86/US$ futhi laqina nakakhulu lafi nyelela ku-17.77 uma
liqhathaniswa nedola laseMelika, uma liqhathaniswa nokuvulwa kwayizolo okungu-17.99. IRandi livuleke ngamandla ngama-R20.23/UK£ futhi kamuva laqina nakakhulu laya kwama-20.17 uma liqhathaniswa ne-UK Pound Sterling, Great Britain Pound (GBP), uPondo, uma kuqhathaniswa nezinga layizolo lokuvula elithusayo lama-20.25. IRandi livule limi ku-R17.54/€ linamandla kakhulu uma liqhathaniswa neEuro ye-European Union, uma kuqhathaniswa nezinga layizolo lokuvula elingu-17.68.
ULwesithathu
IRandi livuleke ngamandla ngama-R17.67/US$ uma liqhathaniswa nedola laseMelika,
uma liqhathaniswa nezinga layizolo lokuvula elingu-17.86. IRandi livuleke liqine kancane
ngama-R20.22/UK£ uma liqhathaniswa ne-UK Pound Sterling, i-Great Britain Pound (GBP), uPondo, uma kuqhathaniswa nezinga layizolo lokuvula elingama-20.23, ngeshwa ELILIBI uma
liqhathaniswa namanani ayizolo kamuva angama-20.17. IRandi livuleke lintekenteke kakhulu
ngo-R17.63/€ liqhathaniswa neEuro ye-European Union, uma kuqhathaniswa nezinga lokuvulwa layizolo elingu-17.53.
ULwesine
IRandi livuleke lintekenteke kakhulu njengoba limi ku-R17.74/ US$ uma liqhathaniswa nedola laseMelika, uma liqhathaniswa nezinga lokuvulwa kwayizolo elingu-17.67. IRandi livuleke ngamandla ngama-R20.13/UK£ uma liqhathaniswa ne-UK Pound Sterling, i-Great Britain Pound (GBP), uPondo, uma kuqhathaniswa nezinga lokuvula layizolo lika-20.22. IRandi livuleke ngamandla ngo-R17.56/€ uma liqhathaniswa ne-Euro ye-European Union, uma kuqhathaniswa nezinga lokuvulwa izolo lika-17.63.