Now Reading
Imoto yomndeni esezingeni elithe thuthu i-Alcazar
Dark Light

Imoto yomndeni esezingeni elithe thuthu i-Alcazar

Kubona ngisho nengane encane ukuthi kwaHyundai bambule ikhasi elisha ngendlela abenza ngayo izinto. Uma uzobheka izimoto zakamuva zale nkampani yaseSouth Korea  uzoqaphela ukuthi lukhulu ushintsho abalwenzile.

Zibekwa nje amadaka lolu shintsho lugqame kakhulu kwi-Exter edayiswa kuhle kwamakhekhe ashisayo, iTucson, iSanta Fe kanye ne-Alcazar. Angeke ubasole ndawo ngokuvuka bazithintithe kwazise amaShayina awazwile ngezimoto zawo.

I-Alcazar iphethe isitayela esisha sakwaHyundai kusuka kwigrille ewuhlobo olusha, obhampa bangaphambili, amalambu angemuva nangaphambili eLED, izihlalo naphakathi.

KwaHyundai basamile ekutheni akudikizi nqulu ngokwanda kwezimoto zamaShayina ngoba bagabe ngezinto ezimqoka ezibenza babe ngabehlukile. I-Alcazar ayisali ngaphandle kulezi zinto okukhona kuzo ukwethembeka, ukudayiseka kalula, ukonga kuphethroli, ukuba yinsanda kwama pathi lapho kwenzeka imoto iba nenkinga noma  yehlelwa ingozini.  Yize kuyigama elisha enikwe lona i-Alcazar ithathelwe kwiGrand Creta. 

Abagcinanga icala  

Izihlalo ezimbili ezengeziwe zangemuva  akuzona nje ezokugcina icala, ngoba nomsalakaca wendoda engangami ikwazile ukuhlala ngokukhululeka. Ezinye izimoto ezinezihlalo ezingu-7 zigcina zingakwazi ukulayisha abantu abayisikhombisa, ngenxa yokuba ncane kwazo. Ngenxa yalokhu zigcina  sezisetshenziselwa ukubeka impahla.

smart

Ngichazekile ngokuthi nasezihlalweni zangemuva eimbili abahleli kuzo bayakwazi ukulawula i-aircontioner ngaphandle kokucela kwabangaphambili. Indlela yokungena nokuphuma ezihlalweni zangemuva ilula, kodwa kumele uqaphele ngoba uma uvula indlela ngokudonsa izihlalo eziphakathi nendawo ziyashesha uma unganakile ungazithola usunepapamuzi esiphongweni.

I-Alcazar incintisana kakhulu nezimoto zamaShayina ezingagayelwe mphako kulezinsuku njengeChery Tiggo 8 Pro, iJetour X70 Plus. Iphuma ngezinhlobo ezimbili zezinjini kukhona engu 1.5 litre edonsa ngodizili edonsa ngamagiya angu 6 azishintshayo. Angikusho ukuthi akuvamisile ukuba abakhiqizi bezimoto bashaye emhloleni ngesikalo sikaphethroli, kodwa ngiqaphelile ukuthi kwaHyundai abalenzanga iphutha kule Alcazar ngoba ngebanga lika 100km ngiqaphelile ukuthi idle amalitha angu 6.7 inqobo nje uma uzohamba ngesivinini esisemthethweni esingevile ku 120km/.h. Ithe ukulishiya igabande ngoba ukuphakama kwayo kungu 200 mm.

Uma uzoyithi nhla uzoqaphela ukuthi lukhona ufuzo olushoyo ukuthi iphuma emndenini wakwaHyundai. Ishaya ngamalambu eLED phezulu ahamba acishe agamanxe ezinhlangothini. Ithe ukugoloza ngaphambili kwigrille yase ibhasha mbijana ngemuva okuyinto engiyibone iyenza yehluke kakhulu kwiGrand Creta.

Ukuyibukela kude ungacishe uyiphambanise nohlobo oluthize ngaphandle kokuthi yona iphuma namasondo angu 18 inch ahambisana nerimu lakhona kulena ewuhlobo lwe-Elite agqize ngombala omnyama base bathi ukuwatayela.

Baphinde bayixina ngetrim empunga ngaphansi kwigrille ngokubona kwami eyihaba ngoba iyabuthatha lobu buhle osuke ububone ngaphezu lu yize ihlukene imibono kulokhu ngoba omunye uzakwethu uthe ngokwakhe iyenza ibe nesithunzi futhi bagcwalisela khona ukuthi lena yimoto enkulu esesigabeni sama-SUV. Ubude bayo bungu 4, 560mm, bse iyaluleka ngo 2, 760 mm, yize kunjalo ukuyipaka phakathi kwezinye izimoto akuwona umqansa yize kumele uqikelele.

See Also

Iyazithiba emgwaqeni

Emgwaqeni izwakale ithule kodwa engikuqaphelile ukuthi ithatha isikhathi ukuthi ingene egiyeni. lapho isiqala ukufudumala iyaziveza ubuyona ngamandla ilekelelwa injini engu 1.5 litre okuyinjini endala abasadonsa ngayo kwaHyundai. Uma isisemandleni iyakwazi iturbo kadizilinoma ilayishe kanjani akukho lapho engiyithole khona isigcwele umgwaqo sakuphephuka.

Uma uzoyikhumbula kahle iGrand Creta uzoqaphela ukuthi akukho okuningi abakushintshile ngaphakathi nezihlalo zayo eziyisikhumba, ezihlalweni zangemuva abagibeli bayakwazi ukwehlisa nokunyusa amakhethini okuvimba ilanga, amatafula okubeka ukudla nendawo yokucuphisa iziphuzo. nama USP ports. Ukukhuluma nje iqiniso eyamatafula ngemuva bengizoyizwa ngendaba ukube angihambanga nenye insizwa yami ethanda izinto. 

Alcazar 1.5 Elite Turbo Diesel

Uma uzoyithi  nhla uzoqaphela ukuthi lukhona ufuzo olushoyo ukuthi iphuma emndenini wakwaHyundai. Ishaya ngamalambu eLED phezulu ahamba acishe agamanxe ezinhlangothini. Ithe ukugoloza ngaphambili kwigrille yase ibhasha mbijana ngemuva okuyinto engiyibone iyenza yehluke kakhulu kwiGrand Creta.

  • Intengo: R699 900
  • Injini: 1.5-litre, four-cylinder, turbodiesel
  • Ugearbox: 6-speed automatic
  • Amandla: 85 kW, 250 N.m
  • Ijubane eliphezulu: Top speed: 190 km/h
  • Ukonga: 6.5 L/100 km
Scroll To Top