Now Reading
Bathi uKhongolose uhloba ngehlazo okwembuzi
Dark Light

Bathi uKhongolose uhloba ngehlazo okwembuzi

Ubukeka usuthathe elinye igxathu umlabalala wobuholi beqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal. Lokhu kulandela ukwamukelwa njengelungu leSishayamthetho sesifundazwe kukaNkk uZandile Gumede uKaMajola kuleli sonto. Ukwamukelwa kwakhe nguSomlomo njengenqubo kunyakazise hhayi kuphela izinhlaka zeqembu kepha namaqembu aphikisayo kube yiso leso.  Imibono ibihlukana kukhona abasola iqembu elibusayo ngokuhloba ngehlazo, ngokuthatha isinqumo sokukhuphulela eSishayamthetho umuntu lona elathi umanaphanapha yinkohlakalo. Ngakolunye uhlangothi kukhona abathi uKaMajola waba yimvu yomhlatshelo nje enindwa ngobende ngabantu ababenezinhloso ezimbi.

Naye qobo uKaMajola yize esayigqokisa inkulumo kuyavela ukuthi inkukhu ibiwusola umgqakazo ngamacala ayebekwe wona nathi kuze kube yimanje akukho uhlu lwala macala.

Ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Ngasho ngathi iqiniso lizovela ngoba ngithandaza uNkulunkulu futhi konke engikwenzayo ngikwenza ngokuthembeka. Uma uphila kanjalo konke okubi okukulandelayo kuyembuleka. Yinto nje le yabantu abathile futhi yinto eyakhiwe engeke ize iphumelele.” usho kanje.

Odabeni lwamaqembu aphikisayo aveze ukungenami kwawo ngesinqumo sokuqokwa kakhe uthe lokho kulindelekile vele: “Njengoba negama lizisho ukuthi nganaqembu aphikisayo, nakulokhu baphikisana nento ababona ukuthi ingahle ibathene amandla ngoba phela ubunye bethu buzobathena amandla.”

UMengameli we-Inkatha Freedom Party (IFP) uMnu uVelenkosini Hlabisa  ekhuluma neBAYEDE uthe yize bazi ukuthi umthetho wakuleli uthi wonke umuntu umsolwa aze abe ulahlwa yicala kodwa lokhu kokunye kuyasinda ngoba kuthinta izimali eziningi zikaHulumeni. 

“Ukuba yilungu leSishayamthetho kakuyona into yanoma ubani futhi kusho okuningi ngomuntu nokuziphatha kwakhe njengoba kunezigaba umuntu okufanele adlule kuzona zokuqinisekisa ukwethembeka kulowo muntu nokuthi ungumuntu okulungele ukuthi abe seSishayamethetho,” kusho uHlabisa.

Uthe ubufakazi balokho kwaba ukwehliswa kwakhe kwesobuMeya yinhlangano yakhe uKhongolose ngemuva kokuvela kwezinsolo abekwa zona kodwa manje kuyaxaka ngokuthi bamnike esinye isikhundla esabhekene namacala okusho ukuthi i-ANC ikhuluma uhubhu uma ithi ilwa nenkohlakalo. 

“Besingenankinga naye eyikhansela kodwa manje kwehlukile ngoba unikwe isikhundla esikhulu okuveza obala ukuthi abaphethe abanandaba nabantu futhi yakha isithombe esibi ngeKwaZulu-Natal,” usho kanje. 

Uthi lokhu kuyaphikisana nokushiwo uHulumeni kokuthi balwa nenkohlakalo kodwa baqhubeke nokufaka umuntu obhekene namacala enkohlakalo esikhundleni saseSishayamthetho. 

Uthe uma ebona sengathi inkantolo kayenzi kahle ngokuphenya icala lakhe unawo amalungelo okufaka izikhalo zakhe enkantolo nakwezinye izinhlaka. 

“Yingakho ngithi yize singeke siye enkantolo ngalokho kodwa kufanele abantu babone inkohlalo ukuthi inuka phu kuHulumeni wesifundazwe iKwaZulu-Natal kube yibona abathatha isinqumo okhethweni ukuthi bafuna ukuphathwa abantu abanenkohlakalo yini,” kuphetha  uHlabisa. 

Uthe abakhulumi ngoba bengahambisani nokuqokwa kwabesifazane ezikhundleni kodwa baningi abantu besifazane enhlanganweni kaKhongolose ebekufaneke ukuthi bafakwe kusona lesi sikhundla. 

USihlalo we-Economic Freedom Fighters (EFF) KwaZulu-Natal,  uMnu uVusi Khoza uthe kabathukile ngokwenziwe yi-ANC ngoba kusobala ukuthi uNkk uGumede ubengeke adle imali engaka yedwa futhi sekusobala ukuthi ingxenye yaya emaphaketheni abanye abaphezulu ku-ANC yingakho bembonga ngalesi sikhundla. 

“Uyichaza kanjani into yomuntu owasuswa kwesobuMeya waba ikhansela nje lo mkhandlu kodwa ube usubona ukuthi lowo muntu usengaba yilungu leSishayamthetho,” usho kanje. 

See Also

UMnu uZwakele Mcwango weDemocratic Alliance (DA) naye ushaye ngamazwi ozakwabo ukuthi ubekhishelwani njengeMeya uma amacala abhekene nawo ebengelutho? 

“Kusobaka ukuthi ngesikhathi bemkhipha kwakungasikona ukulwa nenkohlakalo kepha kwakuwukufezekisa izifiso zabanye ngaphakathi ku-ANC. Konke lokhu kwakunge-ANC,”  kusho uMncwango. 

Uthe okushiwo uNdunankulu ukuthi balwa nenkohlakalo ngumdlalo nokuziphikisa uma bekwazi ukuthatha izinqumo ezifana nalezi. 

Okhulumela i-ANC esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu uNhlakanipho Ntombela uthe okokuqala kufanele bamukele ukuthi uKaMajola  akakhishwanga ngenxa yesinzolo zenkohlakalo abhekene nazo kwesobuMeya kepha kwakuwuhlelo lwe-ANC lokubheka ukusebenza kukaMasipala Ethekwini lapho kwathathwa isinqumo sokumkhipha, hhayi ukuthi kwakunengcindezi ngezinsolo abhekene nazo. 

“Ubufakazi balokho ukuthi akuyena yedwa owakhishwa, kwakhishwa namalungu e-Exco,” usho kanje. 

Uthe kubhekwe izinto eziningi ngokuqokwa kwakhe njengoba ebeyikhansela isikhathi eside okungamahlandla amathathu nokuthi ukuba khona kwakhe laphaya kube kukhona izinkinga ezikhona kuthanda ukuphazamisa njengoba befuna ukuthi kuvuleleke isikhala kwaba khona ngaphakathi emkhandlwini.

Scroll To Top