Awapheli amandla amakhansela e-Action SA axoshiwe
Kuyantwela ezansi emakhanseleni e-Action SA ngaphansi kukaMasipala waseGoli asanda kukhonjwa indlela ileli qembu ngezinsolo zokuthi ahlulekile ukugcina imiyalelo yeqembu azibophezela kuyo ngesikhathi engena ezikhundleni.
Okubuyise ithemba kulamakhansela ayi-8 ukubuyiselwa emsebenzini kwelinye lawo ngeledlule kulandela ukuvela kobufakazi bokuthi kukhona lapho iqembu lageja khona umgodi ekuxoshweni kwawo.
Phakathi kwezinsolo ezibekwa iqembu ngokuxoshwa kwamakhansela kubalwa ukuhluleka ukunxenxa abantu abangama-200 ikhansela ngalinye ukuba bajoyine iqembu, ukuhluleka ukuhambisa izidingo kubantu nokwehlulka isidana ukwenza umsebenzi emkhandlwini ajutshwe kuwo.
Emuva kokubuyiselwa kwelinye lamakhansela axoshiwe, labo abazwelana nawo abangaphakathi eqenjini basole ubuholi be-Action SA ngokwendlala intombi ingakafiki ngenxa yesinqumo sayo esingazange sicutshungulisiswe. Enkundleni yokuxhumana uFacebook amakhansela axoshiwe athe asebuyelwe ithemba lokuthi leli qembu lizogoba uphondo ngoba sekuvelile ukuthi alizange liwulandele umthetho ngesikhathi exoshwa. Amakhansela axoshiwe amelwe nguMmeli u-Alton Albernie.
Omunye ozwelana nalamakhansela ubhale ukuthi, “I-Action SA inezithembiso eziningi kodwa ayinawo amandla okuzifeza bese ihluleka igxeke amakhansela namalungu ePhalamende,”. Okhulumela i-Action SA kuzwelonke uMichael Beaumont ukugwemile ukuphawula ngekhansea elibuyiselwe emsebenzini wabeka izaba zokuthi izinsolo ezibhekene nawo azifani. “Okusemqoka ukuthi lamakhansela ayehluleka ukwenza umsebenzi ajutshwe wona emphakathini njengomyalelo weqembu” kusho uBeaumont.
Uqhuba uthi abantu baseGoli banenkinga yokungalethelwa izidingo ngakho abafuni ukuthi lesihlava siqhubeke nangaphansi kwe-Action SA.
“Akuyona into entsha lena eyenzekayo kujwayelekile ukuthi uma abaholi bengena ezikhundleni banikwe uhlu lwezinto ezilindeleke kubo futhi kube yibo uqobo abazibophezelayo kulokho”.
Eqhuba uthe amakhansela abuzwa ngezinselelo abhekene nazo anikwa usizo lapho ayeludinga khona athola nokuqeqeshwa.

