Izwe ligcwele amanzi ngabashayeli abasanuka inkohlakalo
Ngonyaka we-2017 ngaqala uhlelo lokulwa nokuhlukumezana kwabantu embonini yezokuthutha. Lolu hlelo ngaluqala namanososeshini aseGauteng.
Ngahambela amarenki amahlanu okwaba iBree, iWanderers, iBara, iFaraday naseGermiston. Sasigqugquzela ukuhloniphana embonini nokukhuculula lemibhalo eyehlisa isithunzi sabantu besifazane ebhalwe emawindini
Uhlelo salwenza ngempumelelo kwaze kwabekwa ngisho inhlawulo eyinkulungwane namakhulu amahlanu amarandi (R1500.00) koyotholakala nalowombhalo ematekisini ase Faraday.
Lo mkhankaso ngawuqhuba njalo waze wasabalala izwe lonke. Okumangazayo ukuthi kuze kube imanje angikaze ngizwe ngeqhaza elibanjwe umnyango wezokuthutha ekulweni nalesi sihlava.
Kuyamangaza futhi ukuthola ukuthi ngowezi- 2023 sisakhuluma ngokuhlukumezeka kwabantu embonini yezokuthutha. Lapha sikhuluma ngodaba olwenzeke eMkhanyakude.
EBig 5 Hlabisa kwaNompondo mhlaka zingama-29 kuMasingana lapho ingane ebithunywe edolobheni igibele itekisi ebingenamuntu ngenxa yokugqoza kwabantu kwazise bekuyiSonto umshayeli uthathe ingane lapho ibigingqa khona izithupha, okuyindawo kakade ema abantu abasuke begingqa izithupha.
Kube kwangathi uya lapho iya khona kanti uzojikela endaweni eyihlashana wayidlisa into eyimpuphu waseyikhumula izimpahla wayidlwengula uma eqeda waphinda wayikhothisa okunye okuyimpuphu waseyihambisa ekhaya.
Ingane ikhale ngesisu yaze yayofika ekhaya. Iphuthunyiswe esibhedlela kodwa kwayinqoba ukufa. Kuthiwa umsolwa uboshiwe. Kuthiwa izehlakalo zokudlwengula ziyinsakavukela kulendawo.