Now Reading
Didiza: Amaphaphu phansi, izwe linakho ukudla okwanele
Dark Light

Didiza: Amaphaphu phansi, izwe linakho ukudla okwanele

Besekuqubuke ukukhathazeka kwabaningi kulandela isimemezelo sangoMsombuluko sikaMengameli uRamaphosa sokumiswa ukusebenza kwezinto eziningi izinsuku ezingama-21 kusukela phakathi kwamabili ngoLwesine ngenxa yokubheduka kweCoronavirus. Kodwa uNgqongqoshe Wezolimo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya, uNkk uThoko Didiza, namuhla uyehlisile ingebhe ngesikhathi ememezela ukuthi umkhakha ohlinzeka ngokudla ngeke uphazamiseke.

Ukukhathazeka kudalwe ukuthi ezitolo eziningi ukudla bese kushoda emashalofini ngenxa yokuthi abantu bebethenga ubuthaphuthaphu bezilungiselela ukuthi uma iNingizimu Afrika ingathatha lesi sinqumo ngeke bakwazi ukuya ezitolo. URamaphosa uthe ngenxa yaleli gciwane abantu kumele bazigcine ezindlini, kuzovunyelwa abagulayo nabadinga ukuyothenga ukudla kuphela ukuthi baphume emakhaya. Abenza imisebenzi ebucayi kuphela abazosebenza kuthi amaphoyisa namashosha baqaphe ukuthi imigomo ebekiwe iyalandelwa yini.

Kuyimanje eNingizimu Afrika sebengama-554 abantu osekuqinisekisiwe ukuthi banaleli gciwane. UNgqongqoshe uDidiza uthe ngalesi sikhathi konke kuzobe kumi ngononina ngoba lo mkhakha uthathwa njengobalulekile empilweni yabantu. Uveze ukuthi uMnyango wakhe usubeke eceleni izigidigidi ezi-R2 ukubhekana nemiphumela yeCoronavirus nokuqinisekisa ukuthi ukudla kukhona noma isidlulile. UMnyango uphinde wanika iLand Bank izigidi ezili-R100 ukusiza abalimi abakhahlamezwe yileli gciwane. “UMnyango nemboni sihlela izindlela zokusebenza ezizoqinisekisa ukuthi izinyathelo ezimenyezelwe uMengameli ziyalandelwa lokhu kufaka ukuhlinzekwa kwezindlu zangasese kulabo abasebenza emapulazini,” usho kanje. Unxuse umphakathi ukuba ungakuxhamazeleli ukuthenga ngoba okukhona kwanele wonke.

Ngokwezibalo ezikhishwe uNgqongqoshe Wezempilo kuzwelonke, uDkt uZweli Mkhize, isibalo sabantu asebengenwe yileli gciwane sikhule nge-152 kusuke ngoMsombuluko iningi labo liseGauteng. Uthe uHulumeni wakuleli uyafunda kwabanye osekunesikhathi belwa nokwenyuka kwesibalo sabantu asebethelelekile. Ukugcizelele ukuthi labo abazophambana nemiyalelo ebekiwe okubalwa ukwenqaba ukugcinwa endaweni yabo bodwa emuva kokuhlolwa kwabonakala izimpawu zeCoronavirus, bazoboshwa babhadle ejele iminyaka engafinyelela kweli-15.



See Also



Scroll To Top