AbaseHaiti bagxeka uMengameli wabo ngobudlelwano noTrump


Ingene esontweni lesine imibhikisho yabantu baseHaiti abafuna uMengameli uJovenel Moise ashiye esikhundleni ngenxa yokugxekwa ngokuntuleka kukaphethroli ezweni nokunyuka kwentengo yempahla.
Imibhikisho yaseHaiti isingenwe nanguSigele waseFlorida e-United States of America (USA) uMarco Rubio ophawule okokuqala egameni lezwe lakhe. URubio uthi i-USA alikho iqhaza engalibamba esimweni esiqhubeka eHaiti ngoba iyizwe elizimele elibuswa ngedemokhrasi, olubamba ukhetho lokukhetha abaholi ngendlela evulelekile futhi elinomthetho yingakho ezoqhubeka nokuleseka kuyona yonke imizamo eliyenzayo.
“Ukuthi ubani abamkhethayo njengomholi konke kulele ezinhlelweni zabo zangaphakathi abazilandelayo. Asinakho esingakusho ngokuthi ngubani okumele ashiye esikhundleni, nokuthi ngubani okumele aqhubeke nokuphatha,” kusho uRubio.
Ukuphawula kwalkhe kuphambene nokukazakwabo omele amaDemocrats eFlorida uFrederica Wilson othe kumele kube khona okwenziwayo njengoba sekuphele izinyanga ezingama-32 isimo simanzonzo eHaiti kusukela kwangena esikhundleni uMengameli uMoise.
Selokhu kuqale le mibhikisho sekuvalwe izikole, kwafa abantu kwavalwa namabhizinisi nosizo oluthunyelwa emphakathini ngenxa yokuthi imigwaqo ivaliwe akungeneki futhi akukho okuphumayo. Abantu baseHaiti bagxeka uHulumeni kaMengameli uDonald Trump wase-USA ngokufunza abantu ngoMoise.
Ngesonto eledlule kube nenhlabamkhosi ebibhekiswe emazweni omhlaba ne-USA ukuba bapheze ukuzihlanganisa noMoise esikhundleni salokho beseke izinhlelo zokuba ashiye esikhundleni.
Abantu baseHaiti bathi le ngcindezi ayiphumi nje kubona kuphela njengobabhikishi kodwa ikhwelo selihlatshwe nangamakholwa ebandla lamaKhatholika, amaProtestant, abehluleli, izimeya, nezincithabuchopho.
“Abantu baseHaiti babona ukuthi angeke besayithola igesi, angeke besakwazi ukudla, bazibona bengeke besakwazi ukwenza luthi ngenxa yezinto abazitshelwa yi-United States of America: Ningaxhumani neChina, ningaxhumani neVenezuela, ningaxhumana nalaba nalabaya,” kusho uCarline Paul oyisishoshovu saseHaiti osezinze e-USA.
Uthi abantu sebefuna ukwenza izinto ezizobayisa phambili ngenxa yokuthi i-USA ayizifezanga zonke izethembiso eyazenza eminyakeni eminingi edlule. Uthi bayazi nokuthi uMengameli uTrump uyishaya emuva ayishaye phambili njengoba eseka uTrump.
Uqhuba uthi abantu baseHaiti bagxeka uMengameli uMoise ngosizi abazithola bebhekene nalo ngenxa yokuthi wenza umbimbi noTrump olwaholela ekutheni kukhishwe inyumbazane iVenezuela ekubeni kade kuyilo izwe elibasiza ngowoyela ngemali encane ngaphansi kohlelo olubizwa ngePetroCaribe Oil
URubio kuthiwa nguyena owafaka ingcindezi iHaiti ukuba iqede ubudlelwano neVenezuela.