IGermany ibophe isikhonkwane kwezokuphepha kuvakasha uZelensky
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelenskyy uhlangane noShansela waseJalimane u-Olaf Scholz ngeSonto futhi wabonga uhulumeni wakhe ngobumbano njengoba ethole ukwanda okukhulu kosizo lwezempi ohambweni lwakhe lokuqala kuleli selokhu kwahlasela iRussia.
UZelenskyy ufike eBerlin evela eRoma, lapho ahlangana khona ngoMgqibelo noNdunankulu wase-Italy uGiorgia Meloni kanye noPapa uFrancis. Wandizela ngendiza kahulumeni waseJalimane ephelezelwa phezu kwendiza yaseJalimane ngamabhanoyi ezempi ebutho lezindiza iLuftwaffe, efika phakathi kwamabili. Egqoke ibhulukwe lakhe elikhakhi eselaba uphawu lwezempi lwakhe kanye nejezi elimnyama, umholi wase-Ukraine wabingelelwa okokuqala ngendondo yezempi nguMongameli waseJalimane uFrank-Walter Steinmeier, ngaphambi kokudlulela eshansela ukuyohlangana noScholz.
“Esikhathini esiyinselele kakhulu emlandweni wanamuhla wase-Ukraine, iJalimane yaba umngane wethu weqiniso nomsekeli wethu othembekile,” kubhala uZelenskyy encwadini yezivakashi kamongameli waseJalimane. “Sizowina sibuyise ukuthula eYurophu.”
Bekulindeleke ukuthi abambe isithangami sabezindaba noScholz ngaphambi kokuthi abhekise amabombo e-Aachen entshonalanga yeJalimane ukuyothola umklomelo ohlonishwayo kaCharlemagne wokuhlonipha izinkonzo zase-Europe. IJalimane, okuwumnotho omkhulu waseYurophu, yabhekana nokugxekwa ekuqaleni kwempi ngalokho abanye abakubiza ngokuthi impendulo enongabazane, kodwa isibe ngomunye wabahlinzeki abakhulu base-Ukraine bosizo lwezezimali nezempi.
Uhulumeni umemezele ama-euro ayizigidi eziyizinkulungwane ezingama-2.7 (amaDollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezintathu) wosizo lwezempi e-Ukraine ngoMgqibelo, iphakethe lawo elikhulu kunawo wonke selokhu kwahlasela iRussia ngoNhlolanja nyakenye, futhi wathembisa ukusekela iKyiv isikhathi eside njengoba kudingeka.
Leli phakethe beliqukethe amathangi angama-30 eLeopard yaseJalimane kanye nezimoto zokulwa, izindiza ezisafufusa kanye nezinhlelo ezine zokuvikela umoya ze-Iris-T ezibonwa njengezibalulekile ukuvimbela imicibisholo yaseRussia ukuhlasela emadolobheni ase-Ukraine nengqalasizinda ebalulekile.
UZelenskyy uncome lokhu “njengephakeji elinamandla” kutweet, ekhombisa ukuthi uhlose ukuxoxisana nezikhulu zaseJalimane ngokuhlinzekwa kwezikhali kanye nokuvikela emoyeni, ukwakhiwa kabusha, ukuqokwa kwe-Ukraine ubulungu be-European Union kanye nezokuphepha.
Isifunda sikahulumeni waseBerlin sime-nse entathakusa ngeSonto ngenxa yezokuphepha eziqinile ngesikhathi sokuvakasha kwaZelenskyy, ezinye izithuthi zomphakathi zimisiwe, izindiza ezinophephela emhlane zizungeza phezulu kanye nabathwahlazi phezu kophahla lwamabhilidi.