Noma ayigezelananga phakathi kwaboHlanga namadlagusha kwaba ngenxa yabaholi bonke



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kumqoka ukuthi uma sikhuluma ngoholo olwenza saba lapha sikhona sikukhulume konke futhi singanyanyalati
Kuleli sonto iNingizimu Afrika ibikhumbula lokho okwaba yingqophamlando eminyakeni engama-27 eyedlule. Usuku kwabe kuwumhla zingama-27 kuNdasa ngowe-1994 lapho umhlaba wananela ngokumangala nokuba magange isenzo sabakuleli. Kufanele lesi kwabe kuyisenzo esabe singalindelekile kwazise umlando waseNingizimu Afrika wabe uqoshwe ngezingazi zabacindezelwa ababedwengulwa ngabacindezeli. Nokho isinqumo sabacindezeli kulandela uholo lwezinhlangano zabo okwabe kuyi-African National Congress (ANC), iPan Africanist Congress (PAC) ne-Inkatha Freedom Party (IFP) kwenza aboHlanga bagwinya itshe ngethemba elikhulu lokuthi ngakusasa kuyobe sekuqala impilo kanjalo nenyathuko eqondileyo eya enkululekweni yangempela.
Yize umlando obhalwe namuhla uhlale uveza uMnu uMandela neqembu lakhe i-ANC ubatusa ngalokhu, ukuletha inkululeko nokuholela izwe okhethweni, iqiniso lithi bakhona nabanye abaholi abenza ukuba lo mlando wenzeke. Umholi wePAC ngaleso sikhathi uMnu uMakwetu wabe ephansi kwengcindezi emangalisayo kwazise uhlangothi lombutho wezempi weqembu lakhe i-Azanian Liberation Army (APLA) lwabe liwusola umgqakazo, isola uMandela ne-ANC “ngokuthengisa”. Lesi simo sabe siyingozi ngoba ukunyakaza kwe-APLA eyabe ithelwe ngezibonkolo futhi ingenawo umholi oqavile emuva kokwelulama engozini yemoto eMorogoro komkhuzi we-APLA uSabelo Phama kwabe kuqashwe ngelokhozi zinhlangano zamaBhunu noHulumeni.
EmaBhunwini i-APLA yabe inamandla okuxova ukukhuluma lokho okwabe sekuvunyelwane ngakho njengoba yabe ingananazi ukusho ukuthi ngubani isitha nokumele sisetshenzwe. Isiqubulo esithi: One Settler One Bullet sabe singadingi kutolikwa. Lokhu kwenza namaBhunu kuHulumeni nasezinhlakeni zawo ezingaphandle kukaHulumeni ame ngomumo. Bukhona nje ubufakazi obuthi ayesehlome ephelele elinde kuzo zonke izinkalo ukuthi nxa isuka kube ziswambithi.
Omunye umholi ongatuswa kuyaphi ngalo mlando nguMntwana waKwaPhindangene naye owabe ebhekene nengcindezi emangalisayo. Kuyiwa okhethweni nje isandla sabacindezeli sabe sesiphumelele ukuxabanisa abesende njengoba kwase kulele enhlabathini izinkulungwane zamalungu nabeseki be-ANC ne-IFP. Izibalo ezaphakanyiswa zithi le mpi yezelamani yadla abantu ababalelwa ezi-20 000. Ngalesi sikhathi uMntwana kwakumele athathe isinqumo okwakungathi uma egejile abizwe ngamagama ngabalandeli be-IFP abase befelwe.
Bukhona ubufakazi bokuthi ukube abe-IFP kabangenanga ngabe isimiso sezwe leli namuhla esithi yiNingizimu Afrika sehlukile. Nanamuhla uMntwana usamile ngezinto ezithile ezingabange zisenzeka phezu kokubeka isiqu sakhe nobuholi bakhe engozini yabantu okungathi ngobuhlungu bokulahlekelwa bamsole. Ezinye zezinto akhala ngazo kaziyona imfihlo ngoba nabanye abaholi abafana noMandela baba nezizathu abathi zenza kungenzeki, esinye sezizathu yingcindezi yangaphakathi eqenjini lakhe.
Lokhu nje kukodwa kuveza ngokusobala ukuthi nakuMandela kwabe kungesifanayo ngoba nanamuhla basekhona ngaphakathi nangaphandle eqenjini abasamsola ngokuthi “wathengisa” ngezwe mhla evuma ukuba kube nokubuyisana. Nokho ukuma kwakhe njengalaba abanye abaholi kwenza izwe kanjalo nabantu abalakhele bakhethe indlela eyehlukile kunale eyabe ilula yokuba igezelane kucace. Kuyokhumbuleka ukuthi uma nje abazwelana noHulumeni wamandlagusha base bethele othulini umkhuzi woMkhonto weSizwe, uMnu uHani.
Akukho ukungabaza ukuthi nakubo abadeshi kwaba khona abaholi abathatha izinqumo ezinzima kepha kwaboHlanga sengathi kwabe kunzima kakhulu. Isilingo sabe sikhona kwaboHlanga sokuthi abakhame umbuso wamadlagusha njengoba wabe usuyenda nje. Kukhona nezizathu zokuziphindiselela.
Lo mlando woholo olwagqama ngaleso sikhathi kuhle uqoshwe ngokuyikho ngoba kukhona ingozi uma uzogodlwa. Kuhle abezayo bakuqonde futhi bakwamukele lokho okwaba yisivumelwano sokuzithiba nokubuyisana. Baqonde futhi ukuthi uholo nabaholi kabagwemanga nje impi evulelekile yabacindezeli nabacindezelwa kepha bavala nechilo lokuba abacindezelwa badlane bodwa kakhulu lapha ku-ANC ne-IFP.
Yebo ukugubha usuku okuthiwa ngolwenkulukeko kuhle kepha akuphelele nxa ungalandi ukuthi kuze kufikwa lapho nje kusukwaphi, kwenziwani, kwenziwa ngobani. Siyothi singenza njalo bese siphendula umbuzo othi ngabe sazuzani ngalokho ngezinqumo zabaholi?