ZIYAQOTHWA IZINSIZWA: Inganono isho emgwaqeni kosomatekisi eGoli
Ngesikhathi iningi labantu eNingizimu Afrika ligxile ebufakazini obethulwa kwiKhomishini kaMadlanga naseKomidini Lephalamende lapho kuphenywa ngezinsolo ezenziwa uKhomishana Wamaphoyisa KwaZulu-Natal uGeneral uNhlanhla Mkhwanazi ngokusebenzisana kwezinye izikhulu zamaphoyisa nezigebengu, embonini yamatekisi eGauteng kusho inganono. Izikhulu zamatekisi kule mboni kuthiwa zihamba zijeqeza ngoba abahlaseli kuvela ukuthi bazelusa zisuka emakhaya. Cishe kusuka kuqala unyaka abahlaselwayo bavukelwa besemgwaqeni kube mnyama izoco. Kunovalo lokuthi izigameko zokubulawa kwabamatekisi zingaqhubeka nokungalawuleki nangesikhathi sokusondela kwamaholidi.
Kusuka ngoLwesihlanu lokuphela kukaNcwaba bekubanjwe imihlangano ehlanganisa izikhulu zamaphoyisa, izinhlangano zamatekisi nomnyango Wezokuthutha esifundazweni ngenhloso yokunqanda lesihlava sakamuva. NgeSonto elaboHlanga lihogele ukuthi abasebuholini kososeshini abehlukene eGauteng basekubhaceni ngenxa yokubhekelela ukuphepha kwabo. “Okwamanje akekho ongaphumela obala akutshele ukuthi kwenzakalani kodwa engingakusho nje ukuthi akekho ophephile futhi ngendlela okwenzeka ngayo kuyacaca ukuthi kuyoshaya uKhisimusi singasaphelele,” kusho ilungu likasosesheni waseMidrand eliveze nokuthi akusathenjwana nhlobo.
Yize inganono iqale ngasekuqaleni konyaka ukusha embonini yamatekisi eGauteng, kepha ukushuba kwesimo kugqame ngesikhathi kuhlaselwa uSihlalo weGauteng National Taxi Council uMnu uThamsanqa Moyo ngoMandulo. UMoyo wathelwa ngentululwane yezinhlamvu emgwaqeni omkhulu uSoweto Highway esuka kwakhe eya ehhovisi lamatekisi lapho ayesebenzela khona. Ngokusho komthombo waleli phephandaba ukubulawa kwakhe kuvule intuba yokuqotshwa kwabobonke ababengasohlangothini lwakhe, okuthiwa uhlangothi lwabadla izambane likapondo abavumela yonke imithetho eshaywa uMnyango Wezokuthutha eSifundazweni.
Kusabatshazwa indaba kaMoyo ngeledlule kuhlaselwe uSihlalo we-Alexandra Midrand Sandton Taxi Association uMnu uMolefe Moekeletsi eMarlboro Gardens. Kulesigameko uMoekeletsi usale enkundleni nomunye unogada wakhe. Naphezu kwemoto yakhe i-Audi RS6 ebiza kusuka ezigidini ezi-R1, 6 enamawindi angangenwa inhlamvu, abahlaseli okuthiwa bebesebenzisa izibhamu ezinkulu zohlobo lomshini ozishintshayo bebegxile kakhulu emzimbeni wemoto nakhona emawindini okwenze abebengaphakathi kube nzima ukuzivikela. Akubanga impi elula njengoba onogada abebelandela ngenye imoto ngemuva bezamile ukuvulela inhlamvu kwalimala umshayeli emotweni yabahlaseli.
Usoseshini obuholwa uMoekeletsi kuthiwa ubalwa neminye enemali eningi eGauteng ngenxa yenxanxathela yezitolo iSandton neMidrand nezindawo zingamafulethi ezakhiwa zinsuku zaphuma ezinabantu abaningi abasebenzia amatekisi. Impilo yakhe kuthiwa ibizungezwe ngonogada kusuka liphuma lize liyoshona kusuka kubulewe uMoyo.
Ezikhulunyelwa phansi ngalo msindo kuthiwa indaba inombango wamandla nesibalo sezimoto (amatekisi) ezingena ngamagama abantu abathile ngaphandle kolwazi lwamalungu wonke kasoseshini. Ukushuba kwesimo embonini kuthiwa kwenza nezikhulu zoMnyango Wezokuthutha esifundazweni zibe manqika ukungenelela ngokugcwele. Emhlanganweni obanjwe isigubhukane ngoLwesihlanu eSandton phakathi kwabahola usoseshini, amaphoyisa nabomnyango kuthiwa kuphele kungasekuhle kulandela izinsongo ezisikazwe esinye isikhulu somnyango esithe phambilini uma kunje kwakuyaye kuvalwe umzila kuze kutholakale isixazululo.
Abamatekisi bathi uhulumeni angalinge adlalele kulokho ngoba lesi isikhathi esinzima sonyaka lapho abantu besuke bezidinga kakhulu ezokuthutha. UKhomishana Osabambile Wamaphoyisa eGauteng uBrigadier General uKekana ukholwa ukuthi isisombululo siyophuma kubona abasembonini. “Akuhlalwe phansi kuxoxiswane lapho kunokushayisana khona ngoba asikho isixazululo esizotholakala ngokusocongana

