Ukungcola nenkohlakalo sekuyingxenye yempilo eThekwini
Ukungcola kwedolobha iTheku akusagcini ngokuba emehlweni ezakhamizi, abakhokhintela nezivakashi kuphela kepha naseminyangweni yokuphatha ukungcola nenkohlakalo kudla lubi. Lokhu kungcola kwangaphakathi kukhulunyelwa phansi ukuze kuvikelwe abathile.
ElaboHlanga lithole ukuthi kumiswe abasebenzi ophikweni lwezimali ngokunyamalala kwezigidi ezingama-70 Ophikweni lweZezindlu. Emuva kokuvela kwale nkohlakalo abanye abasebenzi abasezikhundleni eziphezulu kuthiwa bahlabe ikhefu lokugula isigubhukane ngesikhathi kusalindwe ukuba kuqalwe uphenyo.
Abamisiwe kuvela ukuthi bakhala ngokuthi babhecwa ngobende inyama bengayidlanga ngoba kusunduzwa izikhulu ezithile nosopolitiki. Kumanje kushayiswana ngamakhanda ngoba kusatshelwa ukuthi uma lolu daba lufinyelela emaqenjini aphikisayo kuzodinga ludingidwe nasezinhlakeni eziphezulu zokuphatha eMkhandlwini.
Kuphenyo olwenziwe yileli phephandaba kwabanye abasebenzisana noMkhandlu bakhale ngokuthi okwakwenzeka ngesikhathi kusaphethe uNkk uZandile Gumede kusaqhubeka futhi esikhundleni sokuthi kube ncono kuyaphindaphindeka.
“Inkinga wonke umuntu uvika ngezinto ezenzeke ngesikhathi kusekhona uMama bangabe besabheka okwenzeka manje. Mfowethu kunezinkontikeka zamathenda laphaya ezineminyaka engaphezulu kweshumi zihlale zivuselelwa nje. Wena ongazi uyothumela isicelo seThenda usebenzise enkulu imali uzidlalela ngesikhathi,” kusho omunye owayenethenda noMasipala wabuye wachithwa ngoba sekukhishwe ezikhundleni “abantu bakhe”
Sekuyikwadlula wafa
Eminyakeni engemingaki eyedlule, iTheku belinesibunge kubantu abalakhele ngoba kuyilona umgogodla womnotho.
Abantu bebehamba kuse emnyango kwazise bekwande izindawo zokungcebeleka, izitolo zivulwa amahora amade nezinto zokuthutha zingeyona indlala.
Namuhla izitaladi ezabe zinomlando futhi zihlonishwa sezaphenduka zaba ikwadlula wafa.
Ukungcola, ivumba nababhema izidakamizwa emini kwabha sekuyinto yemihla ngemihla. indawo eyabe inedumela eWorkshop ingcole phuhle. Kwezinye izitaladi ungafunga ukuthi yilapho kulahlwa khona imfucuza ngoba imbondelene enye kuyabonakala ukuthi inesikhathi eside yalahlwa.
Ukuncika ngekhona uchame sekuyinto ejwayelekile futhi engathusi uma uyibona. Izindlu zangasese zikhona kepha nazo ziyaxhathuka. Abadayisi basemgwaqeni bakhala ngokuthi ukuthengwa kwemikhiqizo yabo ikakhulukazi ukudla ngenxa yenhlanzeko.
UNkk uGrace MaDlamini Mdunge onetafula lezithelo nokudla okusheshayo uthi imali ayeyenza eminyakeni eyishumi eyedlule, isiphansi kakhulu kulokho akuthola manje.
“Into amaphoyisa kaMasipala ayaziyo ukugasela ematafuleni ethu ezoshaqa izimpahla uma ungayivuselelile iphemithi, yize kuncole kunjalo. Kokunye uthi ufika ekuseni uzobeka impahla yakho ukhangwe ukuthaphuka kwephunga lomchamo, osekusele ukuthi bashiye uthuvi ematafuleni ethu,” kusho yena ezikhalela. Leli phephandaba lizibonelo ukungcola okwesabekayo cishe kuwona wonke amakhona eTheku.
Okunye abantu abasebenzela kuleli dolobha nsuku zonke abakhala ngakho ukudlanga kobugebengu. Amaphoyisa edolobha abevame ukubonakala ethe chithi saka ezitaladini elawula ubugebengu aseyafungwa.
Ngesikhathi elaboHlanga lihambele inkaba yedolobha ngoMsombuluko, kushaywe izimoto ezimbili ngamatshe emawindini izigelekeqe zaba neshwa ngokungatholi lutho.
Okuqaphelekile ukuthi abantu kungaba abesilisa noma abesifazane bazibambela eduze izikhwama, futhi abasebaningi abaziphihla ngobucwebe namawashi ngoba yikho okuthiwa kudoba izigebengu.
“Uma kungenzeka lokhu abahlale bekukhuluma bephenduka nezihlalo emahhovisi, ngabe kudala sawubona umehluko,” kusho uMnu uSibusiso Mzelemu. Uveze ukuthi yena wathi esamile erobhothini ezinyangeni ezimbili ezedlule, umfana owayesondela ngakubo waphahlaza iwindi lemoto yomkakhe ngetshe ayelimboze ngokusahembe.
Ukuntuleka kwamanzi
Kukhona ukukhuluma okuthi ukungcola kwedolobha nokuntuleka kwamanzi osekuneminyaka kuqhubeka kwezinye izindawo kunomthelela wenkohlakalo. Ufunda lolu daba nje umphakathi wakwaNyuswa eBothas Hill amanzi usuwezwa ngendaba kwezinye izindawo.
Umphakathi uthi ompompi sebaphenduka umhlobiso. Ukhala ngokuthi bekuncono usahlushwa ukuhamba kukagesi kuphela kodwa uma sebeshawa nangamanzi sekukubi kakhulu.
Abanye babasebenzi abadala eMkhandlwini bathi wonke umuntu usengusopolitiki, ikakhulukazi kulabo abasezikhundleni eziphezulu. Bathi akusekho ukuhlukanisa phakathi kukasopolitiki nomsebenzi.
“Ngisho nalabo abasezinyunyaneni okumele engabe bangabasebenzi ekugcineni bakhuluma ipolitiki” kusho omunye umsebenzi.