Now Reading
Uphenyo ludalula ukuthi uMayosi wagojelwa
Dark Light

Uphenyo ludalula ukuthi uMayosi wagojelwa

Kuyenzeka ukuthi isehlakalo esisodwa sigcine sembule ezinye izinkinga ezinkulu. Kube njalo nangesikhathi kuphuma umbiko ngokuzibulala kwesigomagoma kwezokwelapha ngowezi-2018 uSolwazi uBongani Mayosi. 

Umbiko wesigungu esajutshwa uMkhandlu weNyuvesi yaseCape Town  okwakusebenza kuyo uSolwazi uMayosi uveze ngokusobala ukuthi izinkinga zaboHlanga azipheleli emazingeni aphansi kepha nakulabo abafunde bagogoda bathwele kanzima.

Isigungu esajutshwa ukuphenya ngesimo uSolwazi uMayosi ayesebenza ngaphansi kwaso sakhiwa ngamalungu ahlonishwayo okubalwa uSolwazi uThandabantu Nhlapo (onguSihlalo), uDkt uSomadoda Fikeni, uSolwazi uPumla Gobodo-Madikizela kanye noNks uNomfundo Walaza.

Ukuzibulala kukaSolwazi uMayosi ngoMandulo wezi-2018 kwadala umunyu omkhulu ngoba kwakukhona ukuziqhenya okukhulu kwaboHlanga ngaye njengomuntu owayefunde kakhulu futhi esebambe izikhundla ezibalulekile eNingizimu Afrika nasendimeni yokwelapha. Ngaphambi kokuthi uSolwazi uMayosi abe yiDean of Faculty of Health Sciences wayeyiNhloko yoMnyango woDokotela khona e-Univesity of Cape Town. USolwazi ushona nje ngonyaka owandulela lowo wayehlonishwe yiNational Research Foundation ngoba ithimba ayayeliholile lalihlonze inhlayiyalufuzo (gene) ebangela i-Arrthythmogenic Right Ventricle Cardiomyopathy(ARVC). 

Uphenyo ngesimo ayesebenza ngaphansi kwaso uSolwazi uMayosi lwenzeka emva kwengcindezi eyafakwa abaholi bezisebenzi, ikakhulakazi zaboHlanga, abaholi babafundi kanye nomndeni wakhe. Abafundi bona babeqhutshwa kakhulu ukuthi kwase kunokukhonjwa ngomunwe ukuthi ingcindezi yezibhelu ze#FeesMustFall yizo ezazibangele ukulahleka komphefulo kaSolwazi uMayosi.

Ukwesula kukaSolwazi njengeDean akwamukelwanga. Isenzo sikaSekela-Shansela wangaleso sikhathi uMnu uMax Price sokuthi angabe esamemezela ukuthi uSolwazi uMayosi usezoya kwesinye isikhungo socwaningo sibonakale njengembangela enkulu yokuphazamiseka emoyeni kukaSolwazi. Ngokwesigungu ebesiphenya, inyuvesi yayinakho ukuthi uma yamukela ukwesula kukaSolwazi uMayosi kuzoshintsha isithombe esase sakhekile sokuthi iNyuvesi iyalwamukela ushintsho olubonelela naboHlanga.

Ezinye zezinto ezihlonzwe njengezaphazamisa kakhulu ukusebenza kukaSolwazi uMayosi yizinto ezandile nakwezinye izikhungo zokusebenza njengawo amanyuvesi nasezinkampanini ezizimele. Lapha kubalwa ukuthi uma owoHlanga esethathe isikhundla esiphezulu uyaye azithole ephakathi kwabakwabo ababheke ukuthi aqhubeke nokulungisa isimo sokusebenza nokuphila kwaboHlanga kanti kwelinye icala abadeshi basuke nabo bezibona besengcupheni njengoba sekuphethe owoHlanga. 

Ukubheduka kwezibhelu ze#FeesMustFall emva kwezinsukwana nje uSolwazi uMayosi ethathe izintambo kwakuphazamisa ukusebenza kwakhe njengoba wazithola esephakathi kwabafundi boHlanga ababe nezikhalo ayeziqonda njengokuthi kufanele bakhokhele ngemali yabo umgomo weHepatitis B, izinto zokuhamba nokunye. 

See Also

Ukukhombisa kwakhe ukuziqonda lezi zikhalo kwambangela amazinyo abushelelezi kozakwabo. Isigungu siphinde sazamukela izinsolo zokuthi njengoba abafundi bagcina sebemphendukela ngoba bebona ukuthi akazifezi izimfuno zabo, sasibhedlwa ngabanye ozakwabo.

Umbiko ukhuluma nangeminye imibiko eyayiveza ukuthi isimo somoya saboHlanga sasiphazanyiswa imiphumela yesimo-jikelele sobandlululo enyuvesi. Kube nezikhalo ezifana nokuthi uma kuhlolwa ukusebenza kwezisebenzi zenyuvesi, aboHlanga njalo nje babethola amaphuzu aphansi bese kuthiwa abathole uqeqesho. Lolu qeqesho aboHlanga balubona njengendlela yokubehlisa isithunzi kanti nezinhloso zalo zazingena bulungiswa.

Isigungu sikubalulile nokuthi ubufakazi bokungaboni ngasolinye ngokubaluleka kokuthola umongo ngesimo sokusebenza kwaboHlanga bubonakale ngokuthi kube khona ababona uphenyo njengokuchitha imali nesikhathi.

Scroll To Top