Now Reading
UHlomuka uhambisa uhlelo lokutshala eMzimkhulu
Dark Light

UHlomuka uhambisa uhlelo lokutshala eMzimkhulu

Ukulima kuyingxenye ebalulekile yomphakathi ophumelelayo

UMPHAKATHI waseMzimkhulu uthole ukukhuthazeka kwezolimo ngenkathi
uMphathiswa wezokuThutha, uku- Phepha nokuXhumanisa uMphakathi
uMnu Sipho Hlomuka ethula uhlelo lokutshala ngaphansi komkhankaso
oqhutshwa uHulumeni waKwaZulu- Natal njalo ngalesi sikhathi sonyaka.
Ngalo lo mkhankaso uHulumeni wesifundazwe uhlose ukusekela abalimi abasafufusa uphinde ugcizelele nokubaluleka kwezolimo njengendlela
yokuzitholela ukudla kanye nokuzingenisela inzuzo.
UMphathiswa uHlomuka uhambele indawo yaseMalenge kuMasipala
Umzimkhulu ehambisana noMeya uCllr Jabu Msila nezinye izinhlaka
ezithintekayo. Bahambele ingadi yomfelandawonye, iMalenge Co-op,
lapho belandiswe ngemisebenzi yayo, njengokutshala, ukuvuna nokusabalalisa
imikhiqizo.
UMphathiswa uphinde wakhonjiswa ogandaganda abasha abazosetshenziswa
umfelandawonye nabanikelwe uMnyango wezoLimo. Labo gandaganda bazosiza ekwenzeni ngcono ukusebenza nomkhiqizo epulazini.
Ekhuluma namalungu omfelandawonye uHlomuka uthe: “Kuyajabulisa ukubona abantu bezibandakanya nalolu hlelo, njengoba ngikholelwa ukuthi ukulima kuyingxenye ebalulekile yomphakathi ophumelelayo futhi onozinzo.
Ngokusekela abalimi nokugqugquzela ukutshalwa kwezitshalo zakuleli, singakwazi ukwenza umthelela omuhle emnothweni nasemvelweni,” kusho
uHlomuka.
Emuva kokuhambela ingadi, uMphathiswa udlulele enkundleni yezemidlalo
eMalenge lapho abalimi bekhangise khona ngezitshalo zabo futhi bacobelela
ngolwazi uMphathiswa nabanye abahambele lo mcimbi. Leli bekuyithuba lokuthi umphakathi ufunde mayelana nemihlomulo yezolimo futhi bathole ukuqonda ngezinselelo nempumelelo yabalimi bendawo.

Scroll To Top