Umphakathi ukhala ngokuba uhubhu lukabhejane kukaMasipala kolwamanzi


Uhlaka olumele umphakathi ezindaweni ezingaphansi kweVerulam, ePhoenix, e-Ottawa nasoThongathi ukhala ngokuba uhubhu kabhejane kwezikhulu zikaMasipala iTheku kulandela imiyalezo esatshalaliswe kwabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana ukuthi isimo sokunqanyulwa kwamanzi sesiphelile kulezi zindawo. IMeya uMnu uMxolisi Kaunda uthe umphakathi owakhele lezi zindawo osekunesikhathi eside uthwele kanzima ngenxa yokunqanyulwa kwamanzi kusalungiswa ingqalasizinda usuyawathola amanzi njengasekuqaleni.
Izolo ekuseni okhulumela umphakathi owakhele lezindawo uNkk uShami Navinatham uthi kungamampunge ukuthi amanzi asebuyele esimweni. “Ngikhuluma nje sekuyisonto lesithupha amanzi enqamuka ngezikhathi ezithile ePhoenix. Umhlangano womphakathi owawubanjelwe ehholo ngeSonto mhla zili-14 kwephezulu wagcina usuhlakazeka kungafinyelelwanga esivumelwaneni ngoba umphakathi ukhala ngokuthi ushaywa ngemfe iphindiwe,” kuchaza uNkk uNavinatham.
Uthe kukhohliswa abantu ngoba nakhu sekusondele ukhetho kodwa iqiniso ukuthi amanzi abawatholi ngendlela ababewathola ngayo ekuqaleni, futhi esikhundleni sokuthi kube ncono kuya ngokuba kubi kakhulu. Uthe sebelindele umbiko we-United Nations ngodaba lwamanzi kulezindawo kulandela womhlangano ukhukhulelangoqo womhlangano okwakudingidwa kuwo izinkinga zokunqanyulwa kwamanzi ezindaweni ezisenyakatho yeTheku. Inhlangano yomphakathi iVerulam Water Crisis yiyo eyabika udaba eNhlanganweni Yezizwe kukandela uchungechunge kwemihlangano phakathi kwabahlali nomasipala obekuzanywa ngayo ukuthola isisombululo, ephethe ngokungatheli zithelo.
UMnu uRoshan Bittleton ongumkhulumeli womphakathi wathi banqume ukubika ku-United Nations (UN) ngoba sebezame ngazozonke izindlela ukuthola amanzi. “Kumele singakhohlwa ukuthi amanzi ayimpilo futhi kuyilungelo lawowonke umuntu ophila ngaphansi komthunzi welanga ukuba awathole ngokungakhathalekile ukuthi ukuyiphi indawo,” kusho uBittleton. Uthe okwabasukumisa kakhulu ukuphela komnqamulajuqu umasipala owabe uzibekele wona ngasekupheleni kukaNhlolanja ngokulungisa zonke izinkinga ezithinta amanzi.
Isitatimende seVerulm Crisis Committee esifakwe enkundleni yokuxhumana sithi njengoba kuyophela uMbasa sekuyinyanga yesihlanu amanzi bengenawo nomasipala akukho okusha obachazela khona uma kubizwe imihlangano ngaphandle kokubatshela ukuthi inkinga iyalungiswa. Isimo sokunqanyulwa kwamanzi eVerulam, ePhoenix, e-Ottawa, oThongathi, eHambanathi nezingxenye zeBallito kunomthelela ekuphazamisekeni kwezikole. Kuthintwa uphiko lezokuxhumana kuMasipala bacele ukuthi yonke imibuzo ngalolu daba ibhalwe phansi ithunyelwe nge-imeyli.