U-Ace Magashule: Iqola noma umzondwa ezimpini ze-ANC



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
KWABA yinzondo ngosuku lokuqala. Lobu wubudlelwano obuphakathi kwaloyo owabe eqokwe njengoNobhala Jikelele we- African National Congress (ANC) uMnu u-Ace Magashule. Ngalobu busuku indlu yabe ihlukene phakathi, kukhona abathi nguye okumele athathe lesi sikhundla esabe siphethwe nguMnu uGwede Mantashe. Ngakolunye uhlangothi bakhona ababethi lesi sikhundla kwabe kumele sithathwe nguMnu uSenzo Mchunu. Womabili la madoda, uMchunu nomaMagashule abe eyizimpelesi zalabo ababencintisana kwesokuba nguMengameli weqembu okwabe kunguDkt uNkosazana uMaDlamini Zuma owayebelethe uMagashule kanye noMnu uCryil Ramaphosa owayebelethe uMchunu. UMagushule ochazwa njengedangabane uqobo unerekhodi lokuba nguSihlalo kaKhongolose osedonse isikhathi eside ukubedlula bonke njengoba aqala ukuhola isifundazwe iFree State kusuka ngonyaka we-1994.
Ngonyaka wezi-2009 waqokwa njengoNdunankulu eFree State. Uselwe izimpi eziningi nezimbangi ezabe zimsola phakathi kokunye ngokuba yiqili. Enye yezimbangi zakhe uMnu uMosiuoa Lekota nowake waba nguNdunankulu ngaphansi kwe- ANC eFree State ngesikhathi uMagashule enguMphathiswa woMnyango Wezomnotho Nentuthuko akakufihli lokho akucabangayo ngoMagashule. Ngonyaka owedlule uLekota wasola uMagashule ngobuqola nathi wakuthola lokho ngowe-1996 enguNdunankulu. Wathi inkohlakalo kaMagashule yayaziwa ngisho nowayenguMengameli ngaleso sikhathi, uMandela. Zonke lezi zinsolo kazimvimbanga uMagashule ukuba abe yinoni emalungwini kaKhongolose eFree State nokwenza lesi sifundazwe sibe mqoka uma kunokhetho lukazwelonke noma lwawo uKhongolose.
Akekho obenqoba kalula kuzwelonke uma engabambisananga neFree Stae, noMagashule. Nasengqungqutheleni yangonyaka owedlule eNasrec, eGauteng lo mholi wabe ehamba nezihlwele ezabe zithi akaphakame ayohola iqembu kuzwelonke ayolekelela intandokazi yakhe uMaDlamini Zuma. Emalungwini ayevile ezinkulungwaneni ezine ayengabavoti kwase kukhona ukujwayela ukuthi uma kunqobe othile njengomengameli okusho ukuthi inqola ihamba noseyili ngoba zonke lezi ahamba nazo zabe sezizongena. Kulaba ingqungquthela yaseNasrec yaqhamuka nokusha nokubukeka kwaguqula isimiso sikaKhongolose. Kwathi lapho sekulindelwe ngabovu ukuthi emuva kokunqoba kukaRamaphosa kwesobumengameli kuzolandela uMchunu njengoNobhala lagaya ngomunye umhlathi.
Amalungu ayemthwele ngeqoma uMchunu adumala ngesikhathi omemezelayo ephimisa elinye igama. Lokhu kwaba wukuqala kwempi. Akuphelanga amahora angama-24 zabe sezizwakala izindaba zokuthi kukhona kulabo ababeseka ithikithi likaRamaphosa noMchunu ngabafuna ukuyophelela enkantolo bekhala ngalokhu abathi akuhambanga kahle okhethweni. Laba babhekana nengqinamba ngoba kwakumele basho ukuthi kuqale nini ukungahambi kahle, emuva kokuqokwa kukaRamaphosa noma ngesikhathi sekuqokwa uNobhala Jikelele. Ababe ngayizwa ekaMagashule basola ngokuthi amavoti angama-68 kaMchunu abekwa eceleni nokwenza akhale ngaphansi. Akuphelanga zinsuku zingaki uKhongolose wakwazi ukulungisa izinto zawo yaqhubeka impilo. Namuhla uMagashule unguNobhala Jikelele kaKhongolose ngaphansi kukaRamaphosa.
Ukweluswa
Esenzweni esabukeka njengokuqinisekisa ukuthi uMagashule uyeluswa, iNational Executive Committee kaKhongolose yajuba ukuba uMchunu ahole imikhankaso yokhetho yenhlangano nokuyinto azoyenza ngaphansi kukaMagashule. Kulabo abakhuluma neBAYEDE ngaleso sikhathi, iqhingasu kwabe kuwukuqinisekisa ukuthi amava kaMchunu noseke waba nguNobhala esifundazweni iKwaZulu-Natal ayakwazi ukunqanda ‘amaqhinga nokuganga’ kukaMagashule nezakhe.
Ebuzwa ngesu lokumelusa uMagashule waphendula wathi ngaleso sikhathi, “Amandla kaNobhala Jikelele weqembu aqoshiwe kumthethosisekelo weqembu, ngakho ngeke uComrade uSenzo afakelwe ukuzothena amandla kaNobhala Jikelele.” Nokho labo abakhulume neBAYEDE bayaphikisana nalo mbono, empeleni bathi uMagashule wenza ngamabomu ukuthi athi akunalo uthuli, uthi lala lulaza. “U-Ace yisigebengu esidala. Uyazi wenzani futhi lapho edlule khona akusali bufakazi. Nakulokhu kukaMacingwane siyazi ukuthi kukhona umqondo aphezu kwawo, uyazi ukuthi ngesikhathi i-ANC imbeka eduze kwakhe (uMchunu) yabe yenzani. Shiya ukuthi okwamanje imizamo yethu isehluleka kepha esasikwenza sabe sikwazi ngoba uma kunoJesse Duarte no-Ace umuntu oyedwa lowo kepha uma ufaka uSenzo okungenani lo ngumuntu ozokwazi ukuganga kwabo,” kusho lo mholi oweseka uRamaphosa. Uthi umuntu osiza u-Ace ukuthi azi konke kuNkk uDurate. “Uyabona u-Ace besilinde ukuthi enze ubuhlathi lobu esimazi ngakho. Empeleni ukwenzile lokho uma eqala kepha isipiliyoni sikaComrade uJesse simtakulile, yikho esephaphama nokuyinto engeyinhle kithi,” kusho lo mthombo.
Nokho abamesekayo bathi ubengekho omunye ongcono obengabamba lesi sikhundla kunoMagashule agweme ukugugulwa kwalabo ababeseka uMaDlamini Zuma ekugqitshweni yilabo ababeseka uRamaphosa. “U-Ace uyazazi lezi zimpi futhi ngeke bamenze lutho ngemithetho yenhlangano. Siyabuka nje lokhu abakwenzayo besebenzisana nani bezindaba ekudicileleni phansi isithunzi sakhe. U-Ace akasiyena uSupra, uyayazi impi nemigudu kanjalo nokwenza amalungu e-ANC anyakaze. UMchunu ngumuntu nje owaba sendaweni ekahle esikhathini esiyiso ngoba uRamaphosa wayefuna ukungena KwaZulu-Natal kodwa ngeke sithi ngalokho unamandla. Ungasho abanye hhayi uSenzo, uma ubeka uSenzo no-Ace uthi abakhulume namaComrade akudingi nokuthi ngisho ukuthi ngubani ozozwakala,” kusho lo mthombo oyilungu lenyunyana yothisha nowabe eseka uMaDlamini Zuma. Ephawula ngokuqokwa kukaMagashule umhlaziyi nombhali uMnu uMax Du Preez wathi: “U-Ace Magashule uyinyoka esesifubeni sikaCyril Ramaphosa, uyibutho eligqoke insimbi elihambisana noZuma kulabo abasezikhundleni eziphezulu ku-ANC.
INingizimu Afrika, yiyina eshayekayo,” kusho uDu Preeze . Uqhuba athi; “Irekhodi lakhe (uMagashule) libi njengalelo likamngani wakhe owayenguNdunankulu, eNorth West uMnu uSupra Mahumapelo. Isifundazwe iFree State, lapho ayenguNdunankulu khona, simanaphanapha kuHulumeni Wesifunda nokoHulumeni Bendawo kanjalo nasezinhlakeni ze-ANC. Izinsolo ezinzima zenkohlakalo, zokuxhaphaza nezokuqasha ngobuhlobo nangobungani zibhekiswe kuyena (uMagashule) futhi oKlebe (Hawks) bagasela emahhovisi akhe. Abahambisana noRamaphosa bayethemba ukuthi uzobhekana namacala obugebengu maduze futhi aphoqeleke ukuba esule kodwa lokhu kubonakala kungeke kwenzeke kulo nyaka.” Omunye umbhali nobuye abe ngumethuli wezinhlelo kuSAFM uMnu uStephen Grootes embhalweni wakhe othi: ‘Magashule Will Fight To The Bitter End, Zuma Too’, wathi; “Sekuyacaca manje ukuthi labo abahambisana noNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule kanye nowayenguMengameli uZuma ngeke bayeke izikhundla namandla abo bengalwanga. Yize kungaba kanjalo uMengameli uRamaphosa usalwa futhi unezinsiza ezingathena amandla lolu olunye uhlangothi.
Kuyacaca ukuthi akulula noma ngeke kusheshe kuphele lokhu kududulana. Eqinisweni, manje kungavela ukuthi ngezizathu eziningi uMagashule akasenakho ukwenza ngokunye ngaphandle kokuthi alwe kuze kube sekugcineni ngokwepolitiki ngenxa yezinsolo zobugebengu zangesikhathi esedlule. Izinsolo Ekuqaleni kwehlandla lakhe njengoNobhala Jikelele uMagashule uke wasolwa ngokuchema nabathize. Ababemnuka benza izibonelo eziningana ezinkulumweni azenza ehambele KwaZulu-Natal lapho umbango walabo abaseka uRamaphosa noMaDlamini Zuma wabe ushisa phansi. Ekhuluma eMgungundlovu ngoMasingana nonyaka, uMagashule wacashunwa enxexa amanye amalungu ukuba angadikibali ngoba kuzolunga, wathi: “Gxilani kwenikwenzayo ngoba kuyisikhathi nje esiyiminyaka emihlanu. Ingqungquthela iba semva kweminyaka emihlanu. Mayibuye i-ANC esiyaziyo. Yiminyaka emihlanu nje kuphela maqabane. Ngakho-ke asisebenzeni ngokuzimisela.” Lokhu kwahunyushwa yilabo abanqoba eNasrec njengenhlabamkhosi kwababeseka uMaDlamini Zuma ukuthi uthi ayihlale phansi ibambe umthetho. Muva nje lo mholi usolwe ngokuhlangana nowayenguMengameli uZuma eThekwini.
Yize lokhu kwabe kungelona icala kepha imibiko yabezindaba yakha isithombe sokuthi lo mhlangano wabe ungowabantu ababezopheka itulo lokususa uRamaphosa esikhundleni. Okwabhebhethekisa la mahebezi wukuthi yena uMagashule uqobo waqala waphika ukuthi wake wahlangana noZuma nokwalamula isithombe esabe simveza esemhlanganweni. Lolu daba luqale phansi ukungathembani ngoba naye uRamaphosa uke wakhuluma ngalo kepha egudla iguma ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yeCosatu. Kulokhu uMagashule umile ekutheni akukho okubi akwenzayo, ucashunwe ethi; “Abukho ubuholi be-ANC engiyingxenye yabo kanye nabanye abangangivimba ukuba ngihlangane noMengameli uJacob Zuma.” Izinsolo zakamuva ngoMagashule ziqhamuke kumuntu ayesebenza naye eFree State uMnu uMxolisi Dukwana nowayekuHulumeni njengoMphathiswa. Phakathi kwezinye izinsolo wukuthi uMagashule wakhombisa abakwaGupta amaminithi emihlangano yesigungu esiphezulu sesifundazwe kubandakanya nolwazi oluphathelene nenkontileka yezigidi ezili-R140.
Ephendula izinsolo ezenziwe nguDukwana uMagashule umsole ngokuhubhuza amanga nokungcolisa igama lakhe. “Izinsolo ezenziwa uqabane uDukwana azinasisekelo futhi ziyathunaza, kodwa zakhelwe phezu kobuwesheweshe, okuyishwa nokho. Izinsolo ziwumzamo nje wokugxibha futhi ezichezukisa umsebenzi wobunye nokubuyisana,” kusho uMagashule. Noma ngabe ukuluphi uhlangothi ngeke ukuphike ubumqoka bukaMagashula kupolitiki ye-ANC ngalesi sikhathi. Khona lapho ngeke uzichithe izinsolo njengezinsolo nje ngoba ukukhula kwazo akujivazi lo mholi kuphela kepha neqembu lakhe maduze liya okhethweni. Kuze kube kuba khona ubufakazi obanele kanye nesinqumo somthetho, uMagashule kwabanye uyohlala eyimbulu enyathela ngamanyikwe amabili. Ithemba kwabaseka uMagashule nalaba abaphikisana naye wukuthi uMehluleli uZondo angase abe yisixazululo.