Umqeqeshi weZambia ukhala ngokungawasebenzisi amathuba
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weZambia u-Avram Grant uthi ukungawasebenzisi amathuba abawatholile ikhona okwenze bedlale ngokulingana neTanzania.
La mazwe akuqoqo F abetholene phezulu emdlalweni wamaqoqo e-Africa Cup of Nations (Afcon), umdlalo uphele ebambene negolibelilodwa.
Ukudlala ngokulingana kweZambia kuyenze yaba namaphuzu amabili emidlalweni emibili, kanti ihlezi endaweni yesithathu eqoqweni.
Kulo mdlalo obuyizolo kusihlwa iTanzania iyona etholebkuqala igoli ngomzuzu we-11 nelize noSimon Msuva. IZambia ebelokhu ithola amathuba ingawasebenzisi, ize yathola elokulinganisa ngomzuzu wama-88 nelivalelwe enethini uPaston Daka.
“Umdlalo wethu besiwulungisele ngenye indlela, kodwa konke kushintshile lokho emva kokuthi singenelwe igoli umdlalo usaqala. Yize ishintshile indlela yethu kodwa siwakhandile amathuba, okubuhlungu asiwasebenzisanga igoli silithole umdlalo usuyophela. Besibheke ukuthola amaphuzu amathathu, kodwa lokho akwenzekalanga ibhola linjalo” kusho uGrant.
IChipolopolo iqede umdlalo is ingasephelele kwazise uRodrick Kabwe uthole ikhadi elibomvu ngaphambi kokuthi kuphele isiwombe sokuqala.
“Khona kungumphumela ongemuhle neze lona esiwutholile, kodwa sizokwamukela. Abafana badlale kahle kakhulu, kwazise besebedlala singasaphelele. Kunzima ukudlala ningaphelele kakhulukazi isikhathi eside kangaka, nalokho kube nakho umthelela” usho kanje.
Kolandelayo iZambia izobhekana neMorocco ehlezi phezulu ngamaphuzu amane, komunye kuleli qoqo iTanzania yona izodlala neDR Congo enamaphuzu amabili endaweni yesibili.
“Siyobhekana neMorocco esaziyo ukuthi iyizwe elikhulu kodwa asithukile nhlobo. Ngiyathemba sizodlala kahle, kulo mdlalo sidinga amaphuzu agcwele ukuze sizibekisele indawo kumzuliswano womkhumulajezi. Kuzomele silungise phambili uma sithole amathuba siwasebenzise” kusonga uGrant.