Isifo sigadla ekhaleni lempi yokulwawubusaphasapha



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Isintu siphansi kwengcindezi, kunqamuka izihlangu kuse kulele umuntu phansi. Isibalo sabasale enkundleni siyenyuka nsukuzaphuma kuwo wonke amagumbi amane omhlaba kepha noma asigabaduli yingenxa yebutho lonompilo elihlanganisa abahlengikazi, abezimo eziphuthumayo nodokotela abayibambe ophondweni. Lawa ngamadoda namakhosikazi, amadodana namadodakazi abantu, amalungu emindeni azinikele ukwelekelela isintu ukuba siphume kulolu taku.
Njengoba isibalo sabathelelekile sesingaphezu kwezi-3 859 483 emhlabeni wonke, izinhlelo zezempilo seziyezwela ngokukhula kwesibalo seziguli kanye nokungeneli kwezinsiza njengezelekelelikuphefumula, amamaski namagilavu okwenza ukuthi kube nokukhathazeka ngokuhlumbuluzeka kwabesebenza ezibhedlela.
Ngenxa yale mbobo ebuthweni lonompilo isitha (ukhuvethe) sibukeka sigadla kubo nosekudala itwetwe kubantu. Ukuvalwa kwezibhedlela, ukutheleleka nokufa konompilo sekuyinto evame ukubikwa ngalesi sikhathi. Muva nje KwaZulu-Natal kubikwe ukuthi isibhedlela iStanger sivaliwe kulandela ukutholakala kwabantu abali-16 okuthiwe batholwe nokhuvethe kubo kubalwa nodokotela abane. Akusona esokuqala ukuvalwa lesi sibhendlela kweleNdlovukazi uMthaniya, muva nje izibhedlela ezizimele zivaliwe, okuyiKingsway kanye ne-Addington.
Lo mkhokha uqale e-Europe enyangeni eyedlule lapho iSpain ne-Italy bebebika izibalo eziphezulu kanjalo nokutheleleka konompilo. Kusuke lapho kwabikwa e-Egypt lapho onompilo abali-17 nabo behlabekile. Ezweni eliphambili emhlabeni i-United States of America (USA), ukukhuluma kuthi isibalo sonompilo abatholwe benokhuvethe esiyizi-9 200 asibeki isithombe sangempela ngoba kuthiwa empeleni siphezulu. Isikhungo iCentre for Disease Control and Prevention kuleliya lizwe sithe sekubhubhe onompilo abangama-27. Ephawula omunye unompilo e-USA uthe: “Kuyinhlamba ukuthi asikwazi ukuhlonipha okokugcina ozakwethu ngendlela enesizotha.”
“Sinabahlengikazi eManhattan abambozwe ngamasaka kadoti nezinsithamehlo, asinandlela yokuthi sikwazi ukulandelela ngosompilo bethu asebethe baguqa. Asikwazi nokubalilela. Asikwazi nokubahlonipha ngoba asazi ukuthi ngobani asebedlulile.”
Ngenyanga eyedlule abeChina National Health Commission babika ukuthi onompilo abangaphezu kwezi-3 300 bahlabekile, abali-13 bashona .
Izinyunyana zonompilo kanye nohulumeni babambe amazinyo njengoba bekuqonda ukuthi uma lo mkhokha ungenaba sekungasho ukuwohloka kwempi yokubhekana nokhuvethe. NgokukaNgqongqoshe Wezempilo uDkt uZweli Mkhize, eNingizimi Afrika babalelwa kuma-511 onompilo abahlabekile ezibhedlela ezizimele nalezi zikaHulumeni, abangama-26 basezibhedlela kuthi ababili labalahla.
Lesi sibalo sihlanganisa abahlengikazi, ochwepheshe, odokotela namanye amalungu ezibhedlela ezahlukene. UKhabazela uthe kuqale kwangonompilo abekade bevakashele kwamanye amazwe kepha manje sekuvuka nakulaba abangakaze baye ndawo.