Umvimbi esilondeni kuMaKhumalo kuvalelwa umyeni
Impelasonto esiphuma kuyo ibe mibalala uma kukhulunywa ngendawo iNkandla. Injolozela ibisezinkumbini zabantu ebezibuthelene kuleya ndawo ngenhloso yokuzokweseka owayenguMengameli, uMnu uZuma. Abantu bebetheleka bethelekile ngisho abezindaba abavela kuwo wonke amagumbi amane omhlaba bebekhona.
Nakuba wonke amehlo nanamuhla ebheke kulowo obenguMengameli wakuleli uZuma kulandela ukuzinikela kwakhe eyoqala isigwebo sakhe ejele emva kokugwetshwa yiNkantolo YoMthethosisekelo mayelana necala lokudelela iNkantolo kodwa umuntu obukeka ehlukumezeke kakhulu kunabo bonke kulo mdlalo ngunkosikazi wakwaZuma omdala, uNkk uGertrude Sizakele MaKhumalo Zuma.
Ngesikhathi uMaKhumalo kade esezitshela ukuthi uzokwazi ukuhlala kahle nomyeni wakhe njengoba engeseyena uMengameli esezidlela impesheni yobudala usevele uyagwetshwa unyaka nezinyanga ezintathu ngoba esolwa ngokuthi wadelela iNkantolo kulandela ukwenqaba ukuyokwethula ubufakazi kuKhomishini ephenya ngokuqhwagwa kwamandla ombuso.
UMaKhumalo akakaze asithole isikhathi esanele sokuhlala kahle noZuma njengoba eke wagwetshwa iminyaka eli-10, mayelana necala lokuvukela umbuso wagcinwa eRobben Island ngesikhathi sobandlululo njengoba namanje esephinde egwetshwa ngesikhathi senkululeko. Ngaphandle kokuba ukudla kwejele kukaZuma kanti futhi uchithe isikhathi esiningi nasekudingisweni.
UMaKhumalo wahlangana noZuma ngowe-1959, babe sebeyathandana kwathi kusemnandi uZuma wabe esegwetshwa ngowe-1963, ngecala lokuvukela umbuso. UZuma noMaKhumalo babe sebegcagca ngowe-1973, ngemuva kokuthi uZuma aphuma ejele. Kusaphele iminyaka emibili nje vo beshadile, uZuma uhambile wamshiya uMaKhumalo ngowe-1975, waya ekudingisweni. UZuma noMaKhumalo abanazo izingane.
Ngesikhathi uZuma eba nguMengameli ngemuva kokhetho luka-2009, wakhetha uMaKhumalo ukuthi kube nguyena i-first lady phakathi kuka-2009 no-2014.
Le ntombi yakwaKhumalo iyahlonishwa ngokuzimela nokusebenza nemiphakathi yasemakhaya UMaKhumalo ungumsunguli futhi wesikhwama iSizakele MaKhumalo Zuma Foundation esenza izinto ezahlukene emphakathini ikakhulukazi eNkandla. Kanti futhi iyazibambela kwezamabhizinisi njengoba kwake kwavela ukuthi inethilomu, ibanzi futhi nakwezolimo.