Now Reading
Iphephe ngendlela eyisimanga iLeapmotor B10
Dark Light

Iphephe ngendlela eyisimanga iLeapmotor B10

Unyaka ozayo kungase kube ngowehlukile emkhakheni wezimoto emhlabeni njengoba kucaca ukuthi ziningi izinhlobo zezimoto ezizobonakala. Muva nje kungenise inkampani iLeapmotor International, okungumfelandawonye oholwa yiStellantis neLeapmotor emhlabeni.

Izimoto zakwaLeapmotor ziqale ukusatshalaliswa e-Europe ngeT03 esesigabeni i-A segment  neC10 okuyisigaba esibizwa ngeD-SUV segment. Ngeledlule bethule iB10 esebenzisa ugesi eyiSUV. I B10 isezingeni eliphezulu ngokuphepha kwazise ekuhlolweni kwayo ngomonakalo odalekayo uma ishayisa ithole i5-star safety rating kwi-Euro NCAP.  Ngesikhathi kuhlolwa ukuthi iphephe kanjani kubagibeli izuze amaphuzu angu-37.3 kwangu-40 kusho ukuthi ithole amaphesenti angu-93. 

Ukuthola amaphuzu amangaka kuchaza ukuthi abagibeli baphephile ngokwedlulele uma ishayisa mahlanze ngaphambili okanye ezinhlangothini. Ngakuphepheni kwabagibeli abayizingane iChild Occupant Protectin ekuhlolweni kweB10 ithole amaphuzu angu-46.0 kwangu-49.  Lapha bekuhlolwa izinto ezinjenge ISOFIX. Le moto inobuchwepheshe obubizwa nge-child presence detention system obukwazi ukwazisa umshayeli uma ekhohlwe ingane ngaphakathi emotweni. Abahamba ngezinyawo nabanye abasebenzisi bomgwaqo njengabashova amabhayisikili, abezithuthuthu akulula ukuthi ungabashayisa kwi-B0 ngoba amabhuleki akhona abamba ngqi ngenxa ye-Autonomous Emergency Braking System.

See Also

Ekuhlolweni kwayo ithole amaphuzu angu-84%. Ezinye izinto ezihamisana nokuphepha ephuma nazo i-Intelligent Speed Assistance, Lane Keep Assist, Emergency Lane Keeping, ne-direct driver monitoring eyelusa umshayeli lapho ehlaselwa ukukhathala noma kukhona okumphazamisayo okungaze kuholele ekutheni aphume emgwaqeni.

Scroll To Top