Now Reading
Angahle athunywe kuNPA uMadonsela
Dark Light

Angahle athunywe kuNPA uMadonsela

ISIZULU sithi, “ukuwa kwenye ngukuvuka kwenye.” Lokhu kungahle kube yiqiniso odabeni oluthinta ubuholi beNational Prosecution Authority (NPA). Emuva kokuphuma kwesinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo ngokufundwa nguMehluleli uMadlanga nesithe phakathi kokunye uMengameli akaqoke uMphathi woPhiko Lwezokushushisa omusha ezinyangeni ezintathu, Ozul‘azayithole sebengakuqinisekisa ukuthi likhona iqeqebana kuleli nangaphandle elithi uma uRamaphosa ethuma aka“thume” u-Advocate uThuli Madonsela nosenguSolwazi.

Isinqumo seNkantolo kasimshiyanga ngaphandle lowo owayenguMengameli Wakuleli uZuma nokunguye osolwe kakhulu ngokuthi wasibonda wasishiya nephini ngaphezulu kuNPA futhi lokhu ekwenza ngabomu. Ngokwesinqumo uZuma wabe egila imikhuba ngenhloso yokuthi avikeleke yena siqu. Ithi ukududula kwakhe u-Advocate uNxasana kwabe kungenxa yokuthi wayefuna isinqumo sokuthi ashushiswe noma angashushiswa sivune yena. Ngenxa yalokhu, iNkantolo ibe nombono wokuthi ukuqashwa kuka-Advocate u-Abrahams esikhundleni esabe siphethwe nguNxasana kwabe kungumphumela wesenzo esabe singekho emthethweni.

Izingqapheli eziningi ziyavumelana ukuthi lesi sinqumo sinika lowo onguMengameli wezwe ithuba eliyinqabakutholwa lokuba ‘ aziqhelanise’ nezikhathi zokubusa kukaZuma. Kukhona ingxenye kuleli enomuzwa wokuthi uRamaphosa unqindwe ngamakhamandela ezikhathi zikaZuma yikho ukubusa kwakhe kusentukuntuku.

Angaba uzifozonke yini?

Akuyona imfi hlo ukuthi u-Advocate Madonsela uselinoni kwabathile kuleli naphesheya kwezilwandle. Kusekhona abasakholwa wukuthi akwenza esenguMvikeli WoMphakathi angabuye akwenze kangcono kwezinye izinhlaka zikaHulumeni. Abanye bake baba nombono wokuthi angaba nguMengameli wezwe ongcono. Kulezi zinsuku u-Advocate Madonsela utholakala kuyo yonke indawo, ethula izinkulumo, ebhala imibono noma ephawula emisakazweni nakomabonakude. Okuqaphelekayo wukuthi uphawula ngakho konke okungaphansi komthunzi welanga. Umbuzo omqoka ngothi angaba yini nguzifozonke, angakwazi yini ukwenza akwenza esenguMvikeli WoMphakathi koKlebe?

Ukuqokwa kuka- Advocate Madonsela yize kusekuwukuhlawumbisela nje akuyona into okungathiwa ngeke yenzeke. Ziningi izizathu ezingenza uMengameli owaziwa ngesiqubulo sika “Thuma Mina”, athume le ntokazi ebijulukisa amadoda asezikhundleni isenguMvikeli WoMphakathi. Okokuqala uMadonsela uyathandwa ngabatshalizimali lapha kwelengabadi nangaphesheya kwezilwandle. Ukhuluma ulimi lwabo ngakho angangena athi khaxa. Okwesibili uRamaphosa usekuvezile ukuthi unodlebe kulaba abatshala izimali, uma beke nje bakhwehlela ugxuma ame ngezinyawo. Akwenze emasontweni edlule lapho okuthe nje ngokuphawula kwe-International Monetary Fund (IMF) ngodaba lomhlaba wagulukudela kumathelevishini emizi yethu ngenhloso yokuchaza lokho abanye abakubuka njengokwakungenasidingo esiphuthuma kangako.

Khona kuselapho bayizithandwa kuye abathandwa ngabatshalizimali. Bheka ngoba wanele waphatha nje wabuyisa uMnu uTrevor Manuel, uMnu uNhlanhla Nene, uMnu uMcebisi Jonas kanye noMnu uPravin Gordhan bonke abangaconsi phansi kontabakayikhonjwa. Ngenxa yalo mlando angesale-ke nokaMadonsela.

Kulo lonke lolu daba kukhona isithombe uHulumeni wakuleli asifunayo nesingakheka sokuthi ‘konke sekuhamba kahle’. Ukwamukelwa kwale nkulumo kungasho okukhulu emkhankasweni kaRamaphosa wokukhongela elakuleli abatshalizimali. U-Advocate Madonsela kulabo abamesekayo ulikhubalo likaRamaphosa yikho nje amathuba okumthuma emaningi.

See Also

OkaMadonsela uneqhingasu

Kwake kwabakhona umoyana nomcabango othi okaMadonsela umsulwa uzenzela umsebenzi wakhe. Nokho uma kubhekisiswa ukuphawula kwakhe selokhu ehla esikhundleni kuyacaca ukuthi unemibono ethile ngohlobo lukaHulumeni olulungele abakuleli. Akagcini lapho ngoba ubegadla kuzwele nakuloyo owathatha isikhundla sakhe u-Advocate Busisiwe Mkhwebane ebhebhethekisa wona umlilo wequbula obushisa okaMkhwebane emsola ngamabatha. Muva nje ungumbhali ephephandabeni eliphuma njalo ngamaSonto nokuyilapho eshiya angalazi kulokho akubona njengobugwegwe kuHulumeni, emphakathini nasezweni jikelele.

Zonke lezi yizimpawu zomuntu osakulangazelele ukuba semehlweni abantu, onendaba nezwe lakhe nalokho okwenzeka kulo. Kepha okukhulu kunakho konke onendaba nohlobo lobuholi izwe elinakho.

Lezo yizimpawu uRamaphosa azifunayo nangazithola kokaMadonsela, ngoba useshilo ngezenzo ukuthi akuthunywe yena. Kupolitiki izinyanga ezintathu uMengameli anikwe zona ukuqoka umphathi omusha weNPA yisikhathi eside kakhulu. Kuningi okungenzeka okungeseka noma kungameseki okaMadonsela. Kepha okwamanje useyintandokazi.

Scroll To Top