AmaKhomanisi ayakweseka ukuba khona kukaNzimande kuhulumeni
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
ISouth African Communist Party (SACP) isiphumele obala ngokweseka uSihlalo wayo kaZwelonke uSolwazi uBlade Nzimande ophinde abe nguNgqongqoshe wezeSayensi kuHulumeni Wobumbano (GNU).
Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-SACP iphikisane ne-African National Congress (ANC) ehola i-GNU, yaphinde yanquma ukungenela ukhetho lwasekhaya lwango-2026 ngokuzimela. Abanye abantu basigxekile isinqumo samaKhomanisi, baze bathi abaholi bawo ku-GNU kumele bashiye phansi izikhundla kuhulumeni. Phakathi kwabanye kubalwa uNzimande nePhini likaNgqongqoshe wezeziMali uDkt David Masondo.
UNobhala Jikelele weSACP, uMnuz Solly Mapaila, uthi alikho ilungu leSACP okumele lishiye uhulumeni. Uthi uNzimande ungumuntu ongeke kungatshazwe ukuthenjwa kwakhe njengeKhomanisi.
“Njengomphathi wenhlangano ngokuthanda kwakhe, uyakwazi ukwenza izinto ezithile zincike kubasebenzi kanye nabampofu okuyinto i-ANC engeke ikwazi ukuyiphikisa. Ngakho lokho kuyisisekelo ngakho-ke akufanele kube khona ukuhlaselwa kwakhe noma ngabe ngaphakathi kwe-SACP noma kuphi. Nale nto yokuthi abantu mabashiye uhulumeni, cha ayikho into enjalo. Sisekumbimbi, sathatha isinqumo sokweseka i-ANC okhethweni. Sisichithile leso sinqumo, manje sinelungelo lokusihoxisa leso sinqumo. Yathathwa yiCentral Committee, futhi manje kuleli cala ithathwe yiCongress ngemuva kweminyaka engama-22 yokuzibandakanya. Sizonikeza amaqabane umbiko ngalo mbuzo wokuhlelwa kabusha komfelandawonye, ukuthi usuka kuphi ngoba sesibekezele ngokwanele ngalolu daba.”

