Mhlawumbe ibhizinisi lamabhasi selifike ekugcineni kulelizwe



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Abahlaziya ezamabhizinisi balichaza ibhizinisi njengento enempilo, enesikhathi sokuzalwa nesikhathi sokuphela. Lokhu kukhula kwebhizinisi akubalwa ngeminyaka, kodwa kunezimpawu ezivelayo ezikhomba isidingo sokwenyukela ezingeni elilandelayo, okuthi uma kungenzekanga lelo bhizinisi libambe indlela ebheke ezansi liye ngokuya lize ligcine liphela. Kuyenzeka kuthi abanikazi balo uma belibona selifanele ukwenyukela ezingeni elilandelayo balidayisele abanikazi abasha, kwesinye isikhathi benze izinguquko ezinqala ezilenza kube sengathi liqala kabusha. Izinto ezenzeka emhlabeni, nokuguquka kwezikhathi yikhona okujwayele ukuphoqa izinguquko ekusebenzeni kwebhizinisi.
Ngithanda ukukhumbuza abanye ukuthi kunamadoda aboHlanga ayeyiziqumama engabanikazi bamabhasi ayesebenza ethutha abantu ezindaweni ezehlukene. Endaweni yaseMbumbulu ngicabanga uMnu uRedford Chonco owayenamabhasi ayebhalwe ukuthi; “Thandanani Express” ayehamba phakathi kwaseSiphingo naseMid Illovo, uMnu u-Isaac Dhlomo owaba ngomunye kwabokuqala eMbumbulu, amabhasi akhe ayehamba phakathi kwaseSiphingo naseMbumbulu, kube khona uMnu uMagama Maphumulo amabhasi akhe ayehamba phakathi kwaseSiphingo nezindawo ezakhele iMbumbulu, kube khona uMnu uCele owayenamabhasi ayesuka eSiphingo aye eMadundube, phakathi kwendawo yaseMfume ne-Illovo Beach kwakunoMnu uLevi Khanyile kanti ayesuka eNdwedwe eza eThekwini kwakungakaMnu uSimamane. Angizukubabala bonke ngoba ngeke ngibaqede. Kodwa kubalulekile ukusho ukuthi la madoda ayadinga ukuhlonishwa ngegalelo lawo kule mboni yezokuthuthwa kwabantu. Akudingi thina boHlanga siwakhohlwe la madoda ngoba akhombisa ngaphansi kwesimo esinzima ukuthi ibhizinisi lisetshenzwa kanjani ukuze liphumelele. Iningi lala madoda athi ngoba esekhulile alidedela leli bhizinisi. Amanye awo endaweni yaseMbumbulu alidedela leli bhizinisi ngenkathi sekungena inkampani yakwaPutco.
Ukusebenza kwebhasi ngalesiya sikhathi sala madoda kwakuyinto enzima ngoba imigwaqo yayiselubhuqu, kodwa ayethembeke kakhulu futhi ehamba ngezikhathi esinqunyiwe. Ukusungula umzila ozohamba ibhasi yinto enzima ngoba kudingeka ihambe izinsukwana igengqeza ukuze abantu bayibone futhi bayikhethe njengento yokuhamba yabo. Ukungena kwamatekisi angamakhumbi kuyinyakazise kakhulu imboni yamabhasi, kodwa yema kuze kube manje noma seyintenga kwezinye izindawo.
Iningi labantu asebekhulile lizokhumbula uhlobo lwamabhasi ayebizwa ngePullman, okwakungamabhasi akwaLoliwe. La mabhasi ayethutha abantu abahamba ibanga elide. Lolu hlobo lwamabhasi lwalushayelwa ngamaBhunu, njengoba kwakwenzeka nasezitimeleni zikaLoliwe. La mabhasi ayeyigugu emthatha umuntu ambeke lapho eya khona nemithwalo yakhe. Emva kweminyaka ethile lwaphela lolu hlobo lwamabhasi kwathi ngonyaka we-1984 kwabe sekuqala awenkampani ezimele i-Unitrans kwaba khona amabhasi abizwa ngeGreyhound neCitiliner namanye. La mabhasi ahamba phakathi kwamadolobbha amakhulu aseNingizimu Afrika nasemazweni asondelene neNingizimu Afrika. Kuze kube manje lolu hlobo lwentilasipoti luyithemba labantu abangenawo amandla okukhokha bagibele ibhanoyi nolunye uhlobo lwezinto zokuhamba.
Kwethuse abaningi ukuzwa isimemezelo esikhishwe ngabanikazi beGreyhound esazisa ngokuvala kwala mabhasi emva kweminyaka engama-37 esebenza, eyithemba labahambi bamazwe. Bekulokhu kukhulunywa ngamabhanoyi kanye namatekisi uma kubhekwa ingcindezi esembonini yezokuthuthwa kwabantu. Kuyacaca ukuthi abanikazi bamabhasi lubathwalise kanzima ukhuvethe. Ngesikhathi kunemvalelwakhaya kusobala ukuthi amabhasi abemile. Bekungekho ukuhamba amabanga amade ngenxa zokwesabela impilo. Ngenxa yokulibala kwamabhasi ngiyacabanga ukuthi abantu abaningi bagcina begibela into yokuhamba esheshayo, njengebhanoyi netekisi ukuze bangachinti isikhathi eside bengekho ekhaya.
Uma sibheka imboni yamabhasi sizokhumbula ukuthi ayiqali namuhla ukushayeka. Ukungena kwamatekisi embonini yezokuthutha kwathatha umthamo omkhulu embonini yamabhasi. Eminyakeni eyedlule abantu bebethembele emabhasini uma bezohamba. Imali ekhokhelwa ibhasi incane kakhulu kunaleyo ekhokhelwa itekisi. Enye into eyenza ibhasi libe yintandokazi kwabanye wukuthi lihamba ngesikhathi esithile. Kuyamsiza umuntu ukwazi ukuthi ulungisela siphi isikhathi.
Mhlawumbe kuyadingeka kekucwaningwe izindlela ezingasiza le mboni isebenze ngendlela ehleleke kabusha ngoba isikhala sebhasi angiboni ukuthi singaphela kalula. Abantu uma behamba bebaningi abakwazi ukuqasha isitimela ngoba sinomzila owehlukile, ngokunjalo akusiyo into encomekayo ukuqasha amatekisi amaningi ukuze nikwazi ukwanelisa isibalo sabantu ngoba kugcina sekubiza. Kwamanye amazwe athathwa njengasethuthukile uhulumeni ungenelele wenza uhlelo lokuhamba kwamabhasi exhaswe yiwo ukuze kunakekelwe izidingo zezakhamuzi. Amabhasi ayindlela engabizi kakhulu yokuhamba ngoba athatha abantu abaningi ngesikhathi esisodwa. Baningi abazolimala ngokuyeka kwenkampani iGreyhound, abebethembele kuyo bedabula amadolobha namazwe ngamanani amahle. Ngokunjalo, baningi abazophelelwa wumsebenzi ngokuvala kwale nkampani. Ekugcineni iminwe ingase igcine ikhomba nangakuHulumeni uma lingenziwa isu lokwesekela le mboni eya ngokuya iphela.