Akwaziwa mbhantshi kujiya ngempi eqhubeka e-Ukraine



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amasosha ase-Ukraine alwela ukubamba ukuhlasela kweRussia edolobheni elincane elisempumalanga iBakhmut acele izikhali ezengeziwe emazweni angaphandle, njengoba abaholi baseNtshonalanga behlangene eMunich ukuzohlola lempi esithathe unyaka wonke enyakazisa umhlaba wonke.
Uhulumeni waseMelika kamengameli uBiden baphethe ngokusemthethweni ukuthi iRussia yenze “amacala kubantu” ngesikhathi ihlasela i-Ukraine cishe unyaka wonke, lokhu kushiwo iPhini likaMengameli waseMelika uKamala Harris.
I-European Union yona ikuvezile ukuthi ibheka ngokushesha izindlela zokuthi amazwe angamalungu ayo ahlangane ukuze athenge izikhali zokusiza i-Ukraine, kulandela izixwayiso ezivela eKyiv zokuthi amabutho ayo adinga izinto eziningi ngokushesha.
IBritain ithembise ukusiza amanye amazwe azimisele ngokuthumela izindiza e-Ukraine manje, kusho uNdunankulu uRishi Sunak, njengoba enxusa abambisene nabo ukuthi baqhubeke beyisekela impi ebhekene ne-Ukraine.
IPoland isikulungele ukweseka i-Ukraine ngezindiza zayo ze-MiG, kodwa kuphela uma kwakhiwa umfelandawonye obanzi ne-United States njengomholi, kusho uNdunankulu wasePoland uMorawiecki.
IChina “ayizange ime ingenzi lutho noma iwufake uphethiloli emlilweni” mayelana nempi ese-Ukraine, futhi iyaqhubeka nokucela ukuthula nezingxoxo phakathi kwalamazwe, kusho usolwazi uWang Yi eNgqungqutheleni Yezokuphepha ebiseMunich.
UMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelenskiy utshele ingqungquthela ukuthi “kusobala” i-Ukraine ngeke ibe yindawo yokugcina yokuhlasela kukaMongameli uVladimir Putin, nokuthi kubalulekile ukuthi iNtshonalanga iphuthumise ukulethwa kwezikhali ukusiza ukuxosha amabutho aseRussia.
IKremlin isole i-United States ngokugqugquzela i-Ukraine ukuthi ibhebhethekise impi ngokuvumela ukuhlaselwa kweCrimea, ixwayisa ngokuthi iWashington manje isingene shiqi kule ngxabano ngoba “abantu abangaphilile kahle” babenamaphupho okunqoba iRussia.