Akukho okusha ezinsongweni zikaTrump: iBhele
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IKremlin ithe ngoLwesine ayiboni lutho olusha ezinsongweni zikaMengameli waseMelika, uDonald Trump, ngokushaya iRussia ngokufaka iRussia ngaphansi konswinyo olusha kanye nentela uma ingavumi ukuqeda impi e-Ukraine.
Ebhekise eRussia kanye nempi ese-Ukraine, uTrump uthe ngoLwesithathu, “Uma singenzi isivumelwano, futhi maduze, anginayo enye indlela ngaphandle kokubeka amazinga aphezulu entela kanye nonswinyo kunoma yini ethengiswa yiRussia nakwamanye amazwe ahlukahlukene abambe iqhaza.” Kuchaza uTrump.
UTrump uthe uzokwenza umusa omkhulu eRussia kanye noMongameli uVladimir Putin ngokwenza ukuthi baqede lokho akubiza ngokuthi “Impi ewumsangano”.
Ebuzwa mayelana nokuphawula kukaTrump, okhulumela iKremlin uDmitry Peskov uthe uTrump ubevame ukusebenzisa unswinyo eRussia ngehlandla lakhe lokuqala njengomengameli. “Asiziboni izinto ezintsha lapha,” kusho uPeskov etshela izintatheli. “Uyazithanda lezi zindlela, okungenani wayezithanda nangehlandla lakhe lokuqala.”
IMoscow iziqaphe ngeso lokhozi zonke izitatimende zikaTrump, kusho uPeskov. “Siqopha ngokucophelela wonke konke akushoyo. Sisakulungele ukuxoxisana, uMongameli uPutin usekhulume kaningi ngalokhu, ukuze kube nezingxoxo ezilinganayo, ukuze kuxoxiswane ngenhlonipho. “
UTrump, othe ekuqaleni kwaleli sonto ingxabano yase-Ukraine “icekela phansi” iRussia, uthe uhlela ukukhuluma noPutin maduze. U-Peskov uthe iMoscow ibisalinde “izimpawu” ezivela ohlangothini lwaseMelika.

