Now Reading
Kuzogqobhoka iphakethe ngophethiloli nangowe-2023
Dark Light

Kuzogqobhoka iphakethe ngophethiloli nangowe-2023

Emhlabeni jikelele ukuqala konyaka kuba isikhathi esilukhuni satshe lapho kubuyiselwa izingane ezikoleni. Inkece abantu abasuke beyihlomulile kubaqashi isuke isihambe yonke ngenxa yobukhazikhazi bukaKhisimusi. Uphethiloli usetshenziswa kakhulu nangalesi sikhathi abafundi behla benyuka behambela izikhungo zemfundo ephakeme, abanye bethungatha amatoho.

ENingizimu Afrika sekujwayelekile ukuthi kuvulwe unyaka ngezindaba ezingathokozisi.

Akusekho ukubuyela emuva isiphingwe enkulu njengoba isimemezelile i-Automobile Association (AA), ukuthi nakanjani ngesonto elizayo kuyasuka lokho ngokunyuka kwentengo kaphethiloli.

Uma kuya njengokuqagula kwezazimnotho lokhu kuzoba ukukhula okukhulu kwentengo kaphethroli osekuke kwenzeka ezweni ngokuqala konyaka. Yinto engabuzwa ukuthi kuzoba nomthelela kimina nawe, kuphinde kushaye kuzwele nasemnothweni wezwe ovele uyantengantenga.

Okuqhubeka phakathi kweRussia ne-Ukraine kunomthelela kulokhu, noma isimo bese sivele sisibi kodwa kufane nokufaka usawoti esilondeni, futhi kusazoqhubeka ngoba kuyacaca ukuthi ayikho efuna ukugoba uphondo kula mazwe. Asethembe ukuthi aboMnyango Wezimbiwa

Namandla bazokwenza izaba ukugwema ukuthi abantu bakuleli bangene bashone emaphaketheni ngalesi sikhathi sonyaka ekubeni kuvele amaphakethe abo esegqobhokile.

See Also

Abazali bazoshayeka kakhulu ngezingane okumele ziyoqhuba izifundo emanyuvesi nasemakolishi ngoba nemali yakhona izokhuphuka. Kungakuhle awagcine amazwi akhe uNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nobuchwepheshe uDkt uBlade Nzimande ngokuthi abafundi abahlonzwe njengalabo abakulungele ukuxhaswa nguNSFS bakwazi ukubhalisa ngaphandle kokukhokha imali phambili.

Ukunyuka kukaphethroli akuzona neze izindaba ezimnandi eezweni Ningizimu njengoba kunenkinga enkulu yesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi, ukucima kukagesi, ingqalasizinda ephelelwe isikhathi nobugebengu.  Isimo esifana nalesi silahlisa ithemba kumuntu ofuna amatoho ngoba ukunyuka kukaphethroli kwenza nezinkampani zenze konke okusemandleni ukonga nokusebenzisa lokho ezinakho kunokufuna abantu abaqhamuka ngaphandle.

Esikhundleni sokuqasha, izinkampani ziyaqhubeka nokudiliza nokusebenzisa imishini lapho bekusebenza khona abantu. Ukunyuka kukaphethroli kuzosho ukunyuka kokudla, imali ekhokhwa ezikoleni neyokugibela izithuthi zomphakathi.

Scroll To Top